Usephinde washaya adume ngazo uMasibusane Zongo

2016-10-24 13:32

Durban – Kunyamalale isilomo somdlali weRoyal Eagles ebhudluze iMagesi ngo-6-1 koweNational First Division ngoMgqibelo eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

ILANGA lithole ukuthi akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo uMasibusane Zongo we-Eagles.

Lo mdlali udume ngokuba wuhlupho usayine kule kilabhu emuva kokuxoshwa yiPlatinums Stars.

Izindaba zokungaziwa kukaZongo ziqinisekiswe ngumlolongi wale kilabhu uKostadin Papic.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi uthi usekhathele yimikhuba kaZongo

Leli phephandaba lake labika ngo-Ephreli nonyaka ukuthi umqeqeshi weStars uCavin Johnson waveza ukuthi usekhathele yimikhuba yalo mdlali.

UJohnson wakhala ngokuphoxwa wuZongo kulandela ukuthi emvikele izikhawu eziningi uma enza amaphutha.

UZongo, 27, owayedlalela iStars ngaleso sikhathi, wagcina exoshiwe kulandela imibiko yokuthi usebuyele otshwaleni.

Kuthiwa wayenyamalala isikhathi eside ehambe nabangani bakhe kuyophuzwa, bese engafiki ejimini.

Iqembu lamqondisa izigwegwe wase efakwa amasondo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...