Usephila ngaphansi kwemibandela owoKhozi

2017-10-01 13:35

Durban – Usephila ngaphansi kwemibandela ezoshintsha impilo yakhe umsakazi woKhozi FM, uSthandwa Nzuza-Gama oshade emasontweni edlule, nomfundisi webandla iNews Christian Fellowship, uMphostoli Philani Gama.

Akasavumelekile nokuba avele aphawule nje kwabezindaba kodwa sekufanele aqale athole imvume njengoba esengumama mfundisi.

Ngesonto eledlule ILANGA LangeSonto lizame ukuba nengxoxo ekhethekile naye ngemuva komshado wakhe ukuze lithole ukuthi njengoba eseshade nomfundisi nje ngabe lokho kuzoyishintsha kanjani impilo yakhe.

Kuyinto engafihliwe ukuthi uSthandwa ubevame ukubonakala ezindaweni zobumnandi, eyozithokozisa.

Ubeke abonakale futhi nasezinkundleni zokuxhumana efake izithombe abesuke ezithathe ebumnandini, eshaya iziphuzo.

Lo msakazi futhi kuyaziwa ukuthi uphinde ashayele uhlelo lwasebusuku oKhozini olubizwa ngokuthi yiBhampa 2 Bhampa ngoLwesihlanu ebusuku olungena phakathi kuka-20:00 no-23:00, okuye kwenzeke ngezinye izikhathi lumkhiphe ayosakaza ezindaweni zobumnandi.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Uthenjiswe umshado umsakazi woKhozi FM

Ngesikhathi leli phephandaba limthinta ngesonto eledlule wale waphetha ukukhuluma nentatheli, wathi njengoba eseganile akakwazi ukukhuluma ngaphandle kokuthola imvume kumyeni wakhe.

Uthe izinqumo akasazithatheli kodwa zithathwa ngumyeni wakhe. Leli phephandaba libe selixhumana nomyeni wakhe uMphostoli Gama. Yena ucele ukuthunyelelwa imibuzo nge-email, izimpendulo zase ziqhamukakuThemba Mlambo okhulumela ibandla.

“UMaNzuza-Gama usengunkosikazi womholi webandla. Uyasiqonda isigaba angene kuso sokuba ngunkosikazi. Kumanje usesimeni sokuhlanganisa umsebenzi abewenza, nomsebenzi womuzi, nomsebenzi webandla.

“Konke lokhu kulumbanisa le misebenzi kuzothatha isikhathi,” kusho uMlambo.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...