Usenqunyelwe okatiki uKomphela

2017-10-15 18:00

Durban - Unqunyelwe ugwayi katiki umqeqeshi weKaizer Chiefs okuvela ukuthi uphume engeneme emhlanganweni lapho ebezophendula khona ngokungenzi kahle kwekilabhu, kubika ILANGA LAngeSonto.

IChiefs kaziyihambeli kahle izinto selokhu iqale ukuqeqeshwa nguSteve Komphela kumasizini amathathu edlule.

Selokhu ethathe izintambo iChiefs ayikanqobe nkomishi enesithunzi.

Abalandeli bale kilabhu abasamfuni nalapho enyathela khona bathi uKomphela akahambe.

Nokho ushaya phansi ngonyawo uthi akayi ndawo.

Leli phephandaba lithole ukuthi uKomphela ubenomhlangano nabaphathi beChiefs lapho ebezochaza khona ukuthi kungani le kilabhu ingenzi kahle.

Ube esenikezwa imidlalo emithathu ukuba aguqule izinto kungenjalo izinyawo zizogcwala udaka.

OLUNYE UDABA: UMotsepe uyakholelwa kakhulu kuPitso

Kule midlalo anikwe yona kukhona nemibili abukeka inzima futhi ingenza angafiki kulo wesithathu uma imiphumela ingamphika.

Kowokuqala uzobhekana neMamelodi Sundowns ngalolu Lwesibili ngo-19:30 eLoftus Stadium, ePitoli.

Olandelayo kuzokuba obhekwe ngabomvu womkhaya lapho bezobhekana khona ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-15:30 eFNB Stadium, eSoweto.

Leli phephandaba lishayele uBobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs ngalolu daba, wathi: “Imihlangano ebanjwa yikilabhu ngeyangaphakathi, ngeke sikwazi ukunekela izwe ngazo zonke izinqumo ezithathwa emihlanganweni.

“Into emqoka njengamanje wukuthi ikilabhu inqobe imidlalo, yilokho esikulwelayo. Sibambisene ukuze silwe nalesi simo esingesihle esiphatha kabi abalandeli bethu,” kusho uMotaung.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...