Usenkingeni uthisha obeshela umfundi, 10

2017-09-21 16:00

Durban - Ungene kwelikhulu ihlazo uthisha waseThembalihle Primary School, eMbumbulu, eningizimu yeTheku, ovulelwe icala lokweshela umfundi oneminyaka engu-10 ubudala emthembisa ukuthi uma eke wamqoma uzomenza inkosikazi yakhe.

Lo thisha, 48, igama lakhe eligodliwe usevulelwe icala eMnyangweni wezeMfundo.

ILANGA linamaphepha afungelwe, abhalwe ngumfundi othintekayo nomunye uthisha olwaziyo udaba lukazakwabo lokuqomisa ingane.

Kula maphepha umfundi uveza ukuthi uthisha ubemshela, emfonela njalo uma sekuphume isikole amtshele ukuthi uyamthanda, uma eke wamqoma uzomphatha kahle, uzomnakekela ngayo yonke indlela.

OLUNYE UDABA:Usenkingeni uthisha wakwaNongoma kulandela ukusabalala kwe-video

Uveza nokuthi uthisha ubemtshela ukuthi uma eseneminyaka engu-23 ubudala uzomshada ngoba uyamthanda.

Kuthiwa lo thisha ubengagcini nje ngala manyala kodwa ubehlohla omunye uzakwabo wesilisa ukuba ashele omunye umfundi ongumngani walo obeshelwa nguyena.

ILANGA linanencwadi efungelwe, ebhalwe nguthisha obehlohlwa ukushela umngani, echaza ngakho konke obekushiwo nguzakwabo kuyena.

Kule ncwadi uveza ukuthi bekujwayele ukuba uma kuyisikhathi sekhefu esikoleni bahlale ndawonye ekilasini lakhe. Uthi uzakwabo ubejwayele ukubiza lo mfundi amshayelayo, amtshele ukuthi makafike nomngani wakhe - lo abefuna ukuba ashelwe nguzakwabo.

"Indaba iqale ukushuba ngesikhathi engitshela ukuthi mangishele lo mfundi, ngizikhulisele yena yikhona ngizomenza inkosikazi yami. Bekuthi noma ngimtshela ukuthi kangihambisani nento ayishoyo, ingehlisa isithunzi futhi iyicala, aphikelele angihlohle," kusho lo thisha encwadini efungelwe.

Uthi ubeze amtshele uzakwabo ukuthi abafundi ubathatha njengezingane zakhe.

Uqhuba uthi kugcine ngokuba ubudlelwano bakhe nalo thisha bungabe busaba buhle ngoba lo zakwabo edinwa wukuthi akayenzanga into abemhlohla ukuba ayenze.

Uthi lo zakwabo ubeseqala ngisho ukumphazamisa uma efundisa ekilasini, efuna nokufaka umoya omubi kubafundi.

Kuthiwa lo mfundi obeshelwa ugcine udaba elubikele unina.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi udaba lwalo thisha yinto ekhulunywayo emaphaseji esikole. Umthombo uthi uthishanhloko wakulesi sikole uyalwazi udaba, ubikeliwe ngalo waluthatha waludlulisela kubaholi.

Kumanje lolu daba kuthiwa luyaqhubeka nokuphenywa, kusetshenziswa izitatimende ezifungelwe zabafundi nezothisha abalwaziyo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMuzi Mhlambi, uthi bebengakezwa lutho ngalolu daba kodwa uMnyango uzolulandela uthole kabanzi ngalo.

Uthe kuyicala ukushela umfundi (uma unguthisha).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...