Usefisa nokufa ohlinziswe okwenkomo

2017-07-10 16:01

Druban - Usefisa nokuzibulala owesilisa waseJolivet, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ohlinzwe inkebenkebe yesilonda yisibhedlela iKing Edward VIII, esiseMbilo, eningizimu yeTheku maqede sangamthunga.

USphamandla Ngcobo, 26, uthi njalo uma esibona lesi silonda esisemlenzeni wakhe, siyamethusa angabe esayibona nento ayiphilelayo.

Utshele ILANGA, ukuthi usikwe wuthayela ngenhla kwenkomishi yedolo wabe eseya esibhedlela eChrist the King, eHighflats, wathungwa lapho abelimele khona kwazise bekuvele inyama emhlophe.

Uthi kulesi sibhedlela akazange alaliswe njengoba ekhishwe khona ngo-20:00. Ephuma esibhedlela kabamnikanga imithi yokugeza izitishi kodwa bamnikeze amaphilisi abathe makawadle uma ezwa izinhlungu.

Uthi ngalobo busuku aphume ngabo esibhedlela uzwe izinhlungu ezinzima esilondeni.

Uthi ebusuku kwadingeka ukuba avuke ayothoba ngamanzi anosawoti, nabakubo bamkhama ubomvu, kwabangconywana.

OLUNYE UDABAUyanconcoza ohlinzwe amabele

“Kuthe uma ngibheka ngakusasa, umlenze ubusuqala ukudumba. Bebulokhu buphuma nje ubomvu uma ngicindezela izitishi. Ngiye eThekwini ngoba bengithemba ukuthi izibhedlela zakhona kazifani nezasemakhaya.

"Ngakusasa ngiye eKing Edward VIII ngafika khona bangihlinza, bangikhama baphinda bangitisha. Kudlule izinsukwana baphinda bangihlinzisa okwenkomo bangabe besangivala.

“Ngethuke ngoma ngakusasa unesi esethi uzongigeza isilonda esesivula kuvele into enjena. Namanje kangikakholwa ukuthi yimina lona onjena,” esho.

Uthi ngesikhathi isibhedlela sesimhlinza okwesibili asizange simazise. Uthi akazi nokuthi kungani bemhlinze bamshiya kanjalo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kwaZulu-Natal, uSam Mkhwanazi, akafunanga ukusho ukuthi uze ahlinzwe angathungwa nje uNgcobo bekwenzenjani.

Into ayishilo nje ukuthi kabavunyelwe ukuchaza ngokwelashwa kweziguli. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...