Usecasha ngonina oxoshwa yiChiefs

2017-07-13 11:01

Durban - Usecasha ngonina umdlali oxoshwe yiKaizer Chiefs imsola ngokuba yifenisha kule kilabhu esembhidlangweni wokulwela ukubuyisa isithunzi.

ILANGA lithole ukuthi uSiphelele "Shaka Zulu" Mthembu oxoshwe yiChiefs uzama konke okusemandleni akhe ukuthola umsebenzi omusha ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. Nokho abasondelene naye bathi kusemnyama okwamanje.

Lo mdlali ngesikhathi ethintwa yileli phephandaba izolo ngoLwesithathu, ukhale ngomhlangano awubambe nonina. Ucele ukuba athintwe emuva kwemizuzu emihlanu kanti emuva kwalokho ubengasalubambi ucingo lwakhe.

Nangeledlule lo mdlali wenze okufanayo kuzanywa ukuxoxwa naye ngekusasa lakhe. 

OLUNYE UDABA: IKaizer Chiefs idedele abadlali abayisikhombisa

Imenenja yakhe uMiguel Paiva weLuso Africa Player Management, ithe bazama konke okusemandleni ukumtholela ikhaya elisha emuva kwempilo engahambanga kahle eNaturena.

"Njengamanje kakukho engingakusho ngoSiphelele ngoba kusathule kuleli sonto. Mhlawumbe ngelizayo kukhona okuzobe sekubambeka," kushaya uPaiva ngamafuphi.

Lo mdlali uqede isizini edlule evele eseyiqaqa kwiChiefs ebifuna ukumxosha isaqala kodwa kwabamba inkontileka.

IChiefs kulindeleke ukuba kucace ukuthi iphetheni kule sizini emqhudelwaneni iBokone Bophirima Maize Meal Spectacula ezokuba ngoMgqibelo eJames Motlatsi Stadium, e-Orkney.

Kulo mqhudelwano kuzovula iPlatinum Stars neFree State Stars ngo-10:00 kuthi iChiefs igadulisane neTownship Rollers ngo-12:00 emini. Owamanqamu uzoba ngo-16:00.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA lanamhlanje.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...