Usebumnyameni ngekusasa oyamaniswa nePirates

2018-01-28 13:32

Durban – Udunguza ebumnyameni ngekusasa umdlali weBidvest Wits omataniswa ne-Orlando Pirates, kubika iLANGA LangeSonto.

UBen Motswari odlala esiswini kwiWits, kubikwa ukuthi ufunwa uthuli yiBucs. Kuthiwa iPirates ifuna ukumlanda manje njengoba ikhohlwa wukuthi iyaxega esiswini.

Lo mdlali ufunwa yiBucs nje, izinto kazimuhambeli kahle kwiWits njengoba isikimu esizwa ngendaba.

Ngesizini eyedlule usikimu bekungesakhe edlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu okuyilona elenze wafunwa yiBucs. Lo mdlali uthi akazi ukuthi kuzogcina kwenzakaleni ngekusasa lakhe, uzozwa ngabaphathi bakhe beWits.

“Okwamanje ngisengumdlali weWits, ukuthi kuzogcina kwenzakaleni ngami, ngisebumnyameni. Njengoba kungenzeki lutho nje ngizoqhubeka nokuzikhandla ejimini ngize ngibuyele esikimini.

“Engingeke ngikufihle wukuthi kangeneme njengoba ngingadlali futhi akekho umdlali ongajatshuliswa wukukhuhla ibhentshi,” kusho uMotswari.

Mayelana namakilabhu amfunayo, uthi usebumnyameni naye ngawo ugcina ngokufunda kwabezindaba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...