Usababaza umphakathi ngolowesifazane olala indodana, 12

2017-03-20 11:03

Durban - Usababaza umphakathi waseMafakatini, eMgungundlovu ngenxa yehlazo lowesifazane olinganiselwa eminyakeni engu-46 ubudala, osolwa ngokuya ocansini nendodana yakhe, 12, ekhubazeke ngokomqondo.

Lolu daba kuthiwa lukhulunyelwa phansi emphakathini njengoba kuthiwa sekunesikhathi lona wesifazane egila lo mkhuba kangangoba ngisho onompilo abajwayele ukuvakashela le ngane bayalwazi.

Lona wesifazane ongeke adalulwe ukuvikela ingane kuthiwa useke wadonswa ngendlebe yibona onompilo ukuba awuyeke lo mkhuba kodwa kwabanhlanga zimuka nomoya.

Kuthiwa lolu daba seluze lwabikelwa ngisho nekhansela lakule ndawo uMnu Jeffrey Ngcobo.

OLUNYE UDABA: Zinqume ukuyokipita izelamani ezizalisene

ILANGA likhulume nomunye wonompilo oseluke lwafika kuyena udaba othe nabo basadidekile ngesenzo salona wesifazane.

Uthi indaba ivele ngelinye ilunga lomndeni ebelingayithandi le nto.

"Ngokuzwa kwethu le nto iqale ukwenzeka ngonyaka ophelile. Sitshelwe ngumuntu osemndenini ukuthi njalo ebusuku nasemini lona wesifazane unomkhuba wokuya ocansini nendodana yakhe ekhubazekile.

"Ngibe sengibikela abaphathi bami mayelana nalolu daba saya khona ngenhloso yokuyobheka ukuthi ziyiqiniso yini lezi zinsolo. Sifice emnyango evalile lo mama.

"Ugcine esivulelile emuva kweside isikhathi singqongqoza. Kuthe uma singena sayifica indodana yakhe abezivalele nayo ngaphakathi. Simbuzile ngalezi zinsolo kodwa waphika.

"Indodakazi yalo mama isitshele ukuthi njalo unina unomkhuba wokuthi angene embhedeni enqunu alale nengane. Naye uzivumele ukuthi uke alale enqunu embedeni owodwa nendodana yakhe ngoba iyakhala uma engena embhedeni egqokile. Sibe sesimkhuza sathi angaphinde akwenze wathembisa ukuthi ngeke esakwenza.

"Kudlule isikhathi ngaphinde ngathola ucingo lungazisa ukuthi usaqhubeka nokuya ocansini nengane. Ngize ngabona kungcono ngilubike ekhanseleni udaba ngabikela ne-Community Police Forum (CPF) ngoba bese lungaphezu kwamandla ami," kusho yena.

Ukhale kakhulu ngosonhlalakahle abasebenzela kule ndawo athi babikeliwe ngalolu daba kodwa kabakaze benze lutho ngalo.

UMnu Roger Sithole ongusihlalo we-CPF, uthe uyalwazi lolu daba kanti usexhumene namaphoyisa ukuze ezongenelela.

"Lolu daba selufikile kimina, ngitshelwe ngomunye wonompilo ngalo. Njengoba ungithinta nje, ngiqeda ukukhuluma nomphathi wesiteshi samaphoyisa wathembisa ukuthi uzothumela amaphoyisa ayothatha izitatimende kwabathintekayo ukuze kuzosizakala le ngane enukubezwayo  incane kangaka," kusho uMnu Sithole.

UMnu Ngcobo oyikhansela kule ndawo naye ukuqinisekisile ukuthi lukhona udaba alunjengalolu wathi basalinde amaphoyisa nosonhlalakahle ukuze ingane izosuswa kule ndawo.

"Lolu daba kade siludingida lapha ku-War room kanti nosihlalo we-CPF ubekhona sabe sesivumelana ngokuthi kumele kuxhunyanwe namaphoyisa ukuze izosuswa le ngane," kusho yena.

Umthombo weLANGA osondelene kakhulu nalo mndeni, uvumile ukuthi lona wesifazane uke aye ocansini nendodana yakhe. Uveze ukuthi inkinga wukuthi naye lona wesifazane uhlala avukwe wukugula ngokomqondo, kangangoba uhola nempesheni yokugula.

"Le nto isinesikhathi eside iqhubeka kanti nami imbala sengike ngamkhuza ukuba ayiyeke ngoba kayilungile. Kuyimanje useze waxosha indodakazi yakhe endlini ngoba ecasulwa wukuthi nayo iyamukhuza kulo mkhuba. Inkinga yakhe wukuthi kwesinye isikhathi uke avukwe wukugula engingazi noma lo mkhuba uwugila ngoba evukwe yikhona yini," kusho umthombo odonse ILANGA ngendlene ukuba lingalinge liwudalule.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uthe lolu daba bebengakaluzwa kodwa wathembisa ukuthi uzoxhumana nehhovisi labo elisesiyingi iMafakatini engaphansi kwaso ukuze luzolandelelwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa abikeliwe ngalolu daba kuthi ayile kulo mndeni kodwa angamfica umuntu obekumele athathe isitatimende kuyena. Ube esethembisa ukuthi asazoqhubeka amaphoyisa nokululandela lolu daba.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...