Uqhunyiswe ngempama umlandeli weChiefs

2017-08-01 14:08

Durban - Baklolodelane ngamajezi amasha abalandeli beKaizer Chiefs nabe-Orlando Pirates kwagcina kuqhume ulabhabha wempama la makilabhu ebhekene koweCarling Black Label Cup ngoMgqibelo ntambama eFNB Stadium, eGoli.

Lo mdlalo unqotshwe yiChiefs ngo-1-0 wegoli elibhajiswe enethini nguBernard Parker ngomzuzu wesithupha.

IChiefs iyasondelela kwiPirates njengoba isinqobe lo mqhudelwano kathathu kwathi eZimnyama zawunqoba kane.

Kulo mdlalo iChiefs neBucs bebegqoke amajezi abo amasha okuyiwona abazogijima ngawo kule sizini.

Nokho ngaphambi kokuqala komdlalo kusuke uthuthuva abalandeli beBucks bemi ngaphandle kwetekisi abebehamba ngayo kwaqhamuka abalandeli beChiefs abathathu begqoke amajezi amasha ale kilabhu.

OLUNYE UDABA: Liqhakazile ikusasa leChiefs - Komphela

Babuze laba bePirates ukuthi aphi amajezi abo amasha njengoba besafake amadala nje.

Bababuze ukuthi banamahloni yini ngawo njengoba kuyinzilo. Omunye wabalandeli beBucks uphendule ngokuthi sebengaze bachome ngezikhuphashi.

Kusaklolodelwana ngalokho, umlandeli weChiefs wone ngokuthi abize laba beBucs ngezichaka, akabange esaligwinya washo ulabhabha wempama.

Uzamile ukulwa kodwa wazikhuza ngenxa yokuthi abalandeli beBucs bebebaningi kwazise bebegcwele itekisi yohlobo lwe-Quantum.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...