Uqhulule inhlamba uMphostoli enkonzweni

2017-10-01 13:35

Durban – Uvuke indlobane umfundisi webandla elidumile eThekwini wathuka inhlamba edinwa wokugqoza kwenkonzo yomnikelo maqede amakholwa ayithela elandelana imali yomnikelo.

UMphostoli Collins Dhlomo ongumholi weCovenant Fellowship Church International eThekwini umangaze abazalwane ngesikhathi kuvulwa ithuba lokunikela ngoLwesihlanu kusihlwa ngeledlule, ibandla ligcwele eDurban Exhibition Centre lichichima kepha kweza ingcosana phambili.

Indaba iqale ngesikhathi intsha eqoqa umnikelo, ebiphethe izitsha ezisamphongolo ikhombisa ukuthi laba abebezonikela besebephelile sekumele abusise leyo nkeshezana.

UMphostoli ubonakale eyaluza esteji ekhuluma evungama ethi; “Ha, uyaganga usathane, akafuni ukuba sikhonzele ezindlini ezinhle thina, uyahlanya, udakiwe!”

Usho lawo mazwi umphostoli kwacaca ukuthi ukuba usathane ubembona ngamehlo cishe ubezogadla.

Ube esebiza ngokushesha umculi uThobekile Mkhwanazi wathi akaqale ikhorasi elisihloko sithi Amazulu avumile.

OLUNYE UDABA: Amawele ama-'Idols' avikele umfundisi osolwa ngawocansi

Kube sengathi usathane umzwile wasusa ukungabaza emakholweni kwasukuma lonke ibandla liyonikela. Abazalwane abayinakanga indaba yokuthukwa kukasathane ngumholi wabo, bavele bahleka.

Leli bandla lisemkhankasweni wokuqoqa izimali zokwakha ubhazabhaza wendlu yesonto elokishini eSikhaleni, eMpangeni.

UMphostoli uthe sesifikile isikhathi sokuba kwakhiwe amasonto ezindaweni ezihlala abomdabu ukuze kuliwe nezimo ezifana nokudlwengulwa kwabantu, izidakamizwa nayo yonke imikhuba ebonakala yenzeka emalokishini.

Amanye amakholwa akhulume neLANGA LangeSonto ngokuthukwa kukasathane amesekile uMphostoli athi nenkosi uJesu wamthethisa usathane ezomlinga ehlane.

Omunye uthe: “Empeleni liyakhacwa idimoni uma lithatha amashansi emakholweni, alincengwa.”

UMphostoli Dhlomo ungusihlalo wobumbano lwamabandla azimele kulo lonke leli. Uyaziwa ngokukhuluma iqiniso noma libaba.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...