Uphume kukubi esteji umculi obezenza iNdidane

2017-10-10 16:05

Durban - Uphume kukubi esiteji kwiMvunge Masikandi Festival ngoMgqibelo KwaDukuza umculi kamasikandi oxoshelwe ukuthi uzenza uMtshengiseni "iNdidane" Gcwensa, ongasekho.

Uthwale kanzima uMhawukeleni Bhengu obizwa ngeSichomane sikaBhaka ngaphambilini ekhishwa esiteji emuva kokuba kade esacule ingoma eyodwa wajikijelwa ngamabhodlela.

UMhawukeleni uthathe umbhobho watshela izihlwele ukuthi yena ungumlandeli weNdidane wokuqina, kubika ILANGA.

Kwenzeka lokhu nje ubegqoke amajazi ayevamise ukugqokwa yiNdidane wagaxa nesikhwama esincane ehlombe. Ngenxa yokuthi abantu besebevungazela, umphathi wohlelo uNkosinathi Mshengu woKhozi FM umphuce umbhobho wathi akaphume.

OLUNYE UDABA: 'UMaskandi usufana nemboni yamatekisi kanjalo namaqembu epolitiki'

Ngaleso sikhathi uMhawukeleni ubuze ukuthi yini okumele ayenze ngoba uyayithanda iNdidane wabe esechoma ngokugqoka kwakhe izimpahla ezibizayo.

Ube esedonswa ngenkani ekhishwa esiteji. Kwale noma induna yabalandeli baMageza Amahle, uVeloh Bhengu, esezama ukucela umbhobho ukuze adlulise inkulumo kubalandeli kodwa bashaya phansi ngonyawo abaphathi bohlelo bemxosha naye.

UMshengu utshele uMhawukeleni ukuthi akaxolise ngoba uvusela abantu amanxeba kodwa akangavuma uMhawukeleni. Ube esethi uMshengu kunjalo-ke ukugiya ngezinduku okungesizona ezakho. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...