Uphilisa okwenyamazane umfundisi osolwa ngokuthakatha

2017-06-19 12:32

Durban - Uphinde washiya kulenga ingidi emzini wakhe wacela empunzini wayobhaca umfundisi waseCatholic Apostolic Christian Church of South Africa, eDukuduku eMtubatuba, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ebalekela amalungu omphakathi okuthiwa abefuna ukumsoconga ngoba emsola ngokuthakatha.

ILANGA like labika ngobunzima obubhekene noMfundisi Themba Mthethwa, 30, obuye abengumthandazi kule ndawo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMfundisi Mthethwa usizwe wukuthola umyalezo obumxwayisa ngokuthi makabaleke ngoba kunabantu abahlela ukumbulala.

Utshele iphephandaba ukuthi ngesikhathi ebaleka okokuqala, amalungu omphakathi avuke indlobane avala indlela eya kwakhe ngezihlahla – okwenze kwangadlula lutho olubheke emzini wakhe.

Uvezele iphephandaba ILANGA ukuthi amahlebezi asuke zizine ku-Agasti kulandela ukushona komfana omhlasele emgwaqeni ngesikhathi ephuma ukuyovota.

Uthi omunye wabafana ababehamba nomufi ngesikhathi ehlaselwa utshele umphakathi ukuthi ubambe uMfundisi Mthethwa ethakatha kubo.

Utshele iphephendaba ukuthi umphakathi uvele wavuka inj’ebombu wafuna ukumbulala ushise nendlu yakhe ngenxa yokubhebhetheka kwalezi zinkulumo.

OLUNYE UDABA: Utshele umngani ukuthi ubulale indodakazi abebike ukuthi idukike

Uveza ukuthi kunabantu abafuna ukudicilela phansi isithunzi sakhe ngalezi zinkulumo.

Uthi emuva kokuba isimo sesingcono endaweni, ubuyele kwakhe njengoba kube nemihlangano yokubhula umlilo.

Utshele iphephandaba ukuthi sekubuye kwaqubuka umsindo endaweni okumphoqe ukuba aphindele ekubhaceni – ngoba ebona ukuthi akaphephile, umphakathi usho ukumudla umfele uma umbona.

“Ngikhuluma nje kunowesilisa wasendaweni ongikhe ngequpha phambi kwabantu ngesikhathi kubizwe umhlangano womphakathi. Ngibone ukuthi kungcono ngiphindele ekubhaceni ukuze ngizophepha. Inzima impilo engiphiliswa yona ngoba kangisakwazi ngisho nokwelapha abantu abadinga usizo,”  kusho uMfundisi Mthethwa.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, uthe likhona icala elivuliwe esiteshini samaphoyisa eMtubatuba, kwaboshwa owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala ngecala lokushaya.

“Inkantolo ibe isimhlawulisa ngokushaya uMthethwa,”  kusho uMbhele.   

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...