UNzimande ucacisa ngesizathu sokungabonakali emngcwabeni kaLundi

2017-02-12 18:30

Durban – Ucacisa ngokungalubhadi emngcwabeni wesilomo somculo wowokholo, uLundi Tyamara, uTshepo Nzimande obekubhekwe ukuthi abe ngesinye sezikhulumi emngcwabeni.

Ulundi ufihlwe ngeledlule endaweni azalwa kuyona eWorcester, eWestern Cape, enkonzweni yomngcwabo ebihanjelwe yizikhulu zikahulumeni, abaculi, yizikhulu zezinkampani kanye nosaziwayo.

Ngokusho komunye wabebehambele lo mngcwabo, abantu basale bebuzana ngokungabonakali kukaNzimande njengoba bekulindeleke ukuba abe ngesinye sezikhulumi.

UNzimande nguyena othathwa njengomuntu owavundulula ikhono likaLundi kwazise nguyena omfake e-studio ngesikhathi eqopha i-albhamu yakhe yokuqala.

OLUNYE UDABA: Kugxekwe ukufakwa kwesithombe sikaLundi engaphilile ezinkundleni zokuxhumana

Enkonzweni yesikhumbuzo uNzimande wethule inkulumo waze waveza nokuthi ukuqopha lo mculi kumvulele amanye amathuba kulo mkhakha wakwazi nokuqopha abanye abaculi ngaphansi kwenkampani abengomunye wabaphathi kuyo, iBula Music.

:Mina izimpelasonto ngiba matsa kakhulu ngazo njengoba sengingene ebhizinisini lokungcwaba. Abantu kumele bakuqonde ukuthi ngikwenzile obekumele ngikwenze, ngamhlonipha uLundi njengomculi ebengisebenza naye ngakho bengingaphoqelekile ukuba ngize ngihambele nomngcwabo,” kuchaza uNzimande.

Unezezele ngokuthi yena ubengenanxa noLundi njengoba ubeya ngisho ukuyombona esibhedlela ngesikhathi esabambekile.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...