Uninakhulu weBhova likaDikadika ukhala ngokudla imbuya ngothi

2017-12-07 12:30

eThekwini - Udonsa kanzima umndeni kaKwakhe "Mgqumeni" Khumalo ongasekho emhlabeni njengoba uninakhulu wakhe ekhala ngendlala.

UDuvile Khumalo, 86, waseMdletsheni eHluhluwe uthi uhlala endlini engekho esisweni esihle ukhala nangovalo lokuthi angase ahlaselwe yizinswelaboya zimenzakalise njengoba ehlala yedwa.

Lesi salukazi sitshele abephephandaba iLANGA ukuthi mhlawumbe ukube kusakhona iBhova ngabe lisamnakekela namanje njengoba belenza lisaphila.

Leli phephandaba livakashele lesi salukazi ngemuva kokuzwa ngelungu lomphakathi ukuthi isimo saso asigculisi.

Leli lungu lomphakathi lithi kwezinye izikhathi yilona elithengela lesi salukazi ukudla njengoba isimo sisibi kakhulu.

"Ingane yomntanami ibingithanda, ingilethela nokudla ingipha nemali. Sengicabanga nokubuyela eNquthu lapho esidabuka khona ngoba ukuhlala kanzima kakunginiki ukuphumula," kusho lesi salukazi.

OLUNYE UDABA: Sithi asikwazi nokuhlala isalukazi 'esidlwengulwe umakhelwane'

Lesi salukazi siveza nokuthi iBhova belinokusivakashela eMdletsheni liyosibona lihamba nezingoduso zalo baze balale.

Okunye okuvelile wukuthi iBhova likhulele khona eHluhluwe njengoba unina uMaMseleku ubegane khona, okuthe uma kuqubuka ingxabano esithenjini sikayise, uMaqhawe Khumalo, uMaMseleku wathatha izingane zakhe waphindela nazo kubo eNquthu.

Lesi salukazi sikhombise abelanga ithuna likayise weBhova elikhona lapha eMdletsheni enxiweni elibuqamama nomuzi.

Lesi salukazi sithi ababakweleti lutho abakwaMseleku ngoba uMaqhawe wakhokha zonke izimfanelo zabo, kwase kushoda usuku lomgcagco, kodwa wathola uthando olusha ngomakoti wakhe omncane.

"Saba nomhlangano  noninakhulu weBhova uQaledumisa ukuze kuvuselelwe ubuhlobo, kodwa washaya phansi ngonyawo. Kugcine kuphela kanjalo, izingane zahlala naye," kuqhubeka lesi salukazi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...