Unenebulwe yisoka likazakwabo, lingayitholi intombi yalo

2017-09-22 12:32

Durban - Zihlafuna zijeqeza kuhle kwezinyamazane izisebenzi zezenhlalakahle KwaMaphumulo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal emuva kokuba esinye sesifazane kuthiwa sishaywe salinyazwa yisoka likazakwabo - elisebenza kuMasipala waKwaMaphumulo - emasontweni amabili edlule.

Umthombo weLANGA nawo oyisisebenzi sezenhlalakahle uthi uKhayo Zondi, 45, obengaqali ukubahlasela - okuyikhona okwenza babone ukuthi kabaphephile.

"Unesikhwele esimangalisayo, njalo uma engamfici uzakwethu emahhovisi ethu noma emakotishi esiqashe kuwona uvele asho ukusiqeda ethi sizomkhipha simbeke la unina wengane yakhe," kusho umthombo.

Uthi esigamekweni sokugcina uZondi ufike emakotishi wavulela ngenduku ngemuva kokuba bemtshele ukuthi kabamazi unina wengane yakhe ukuthi ukuphi.

OLUNYE UDABA: Ushaye umkhwekazi wamshiya emabokoboko

"Uzakwethu namanje akakabuyeli emsebenzini ngenxa yezinhlungu azithole edindwa ngenduku yilo mlisa. Kwale ngisho sesimkhuza, simtshela ukuthi kasihlangene nezindaba zothando lwabo, wathi siyamazi futhi sizomkhipha simbeke la," kuchaza lo mthombo.

Uthi likhona icala elivuliwe emaphoyiseni akule ndawo kodwa basesaba.

Isisebenzi esihlaselwe nguZondi sithe kasithandi ukuphawula kakhulu ngalolu daba ngoba sisabela ukuthi singase siphinde sihlaselwe futhi.

Okhulumela amaphoyisa uLt-Col Thulani Zwane uthi likhona icala elivuliwe esiteshini samaphoyisa KwaMaphumulo ngalesi sigameko esenzeka ngomhlaka-9 Septhemba.

Amaphoyisa ambopha umsolwa, kepha wadedelwa ngebheyili ngemuva kokuvela enkantolo, esho.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...