Umsakazi woKhozi uthi abantu mabehlise imimoya

2017-04-08 15:34

Durban - Umsakazi woKhozi FM usephumele obala wakhuza abebeqale i-hashtag ethi #BringThembekaBack ukuthi mabehlise imimoya.

Ngokubika kweLANGA ekhasini likaFacebook, uThembeka embhalweni wakhe ucacisa kwelokuthi akakhishwanga ohlwelweni abelushayela kepha uzicelele yena kubaphathi boKhozi FM ngoba enezinhlelo ezithile ngohambo lwempilo yakhe nesifiso sokufunda kabanzi ngalo mkhakha wezokusakaza. 

Ezinguqukweni zakamuva zoKhozi FM ezidedelwe ngoLwesithathu kuvela ukuthi ohlelweni lwangoMgqibelo obelushayelwa nguThembeka, Ikhethelo, sekuzongena uZimiphi Zimdollar Biyela. 

Lo mbhalo kaThembeka uza ngemuva kokuthi umsakazo omkhulukazi uKhozi FM wenze izinguquko ezinkulu.

Kumangalise abalaleli abaningi ukufakwa kukaSbu Buthelezi owaziwa kakhulu ngokusakaza ezenkolo njengoba esezosakaza uhlelo lwasemini iNethezeka noKhozi FM ebambisene noNonhlanhla "Mroza" Buthelezi kanti uNkosinathi Mshengu selokhu kwathi nhlo usakazela izikhova ebusuku usenikezwe uSgiyangengoma ebambisene noBheka "Beekay" Mchunu.

Ugqemeke inkambabeyibuza uNgizwe "Zulu Chamer" Mchunu okhishwe kumasikandi wayosacazwa kolwakhe lwasebusuku okuyiSigqi sezwe olungena ngehora lesibili entathakusa phakathi nezinsuku.

Kuzothokozisa abalaleli abaningi ukuthi uSiya Mhlongo usezokuba nohlelo lwakhe olubizwa ngoMthombo wosindiso ekubeni kade esakaza amaqabuqabu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...