Umsakazi uyashiya kwiGagasi FM

2017-08-20 19:09

Durban – Ulaxaze phansi umbhobho umsakazi weGagasi FM osolwa ngamacala amaningi okukholakala ukuthi yiwo aholele ekutheni ashiye.

Ngokomthombo ongashayi  eceleni, uVictor Rose Jr, oshayela uhlelo i-Urban Top 30, ubesenezincwadi eziningana zokumxwayisa ngokugaziphathi kahle emsebenzini.

Umthombo uthe lo msakazi usolwa ngokuzithokozisa ngophuzo oludakayo ngaphambi kokuba angene emoyeni.

OLUNYE UDABA: Ukhala ngokuhlukunyezwa yintombi umsakazi woKhozi FM

Uqhuba uthi kusolakala ukuthi ngezimpelasonto ubefika ephuzile. Uthi kawuqondi ukuthi kungani ekhethe ukuba asule emsebenzini ngoba ubenezinkontileka ezimbili. Eyodwa ezimele neyodwa lapho ebeqashwe khona ngokuphelele emsakazweni.

“Angazi yini emenze wesula ngoba ibingeke ithinteke yomibili imisebenzi yakhe. Mhlawumbe wukuzazi kakhulu yingakho evele wabona kungcono ukushaya isishwapha sakhe,” kuqhuba lo mthombo.

UVictor Rose ukuqinisekisile ukuthi ufake isicelo sokwesula kwiGagasi FM kodwa wesule ngenxa yokufuna ukukhula hhayi njengoba kusho amahlebezi.

Thola kabanzi kwiLANGA LangeSonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-Iron Duke ihlela ukulanda uMkhwanazi

Emizuzwini eyi-35 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...