Umqeqeshi usola ibhabhalazi kubadlali

2017-11-27 12:35

Durban - Usole ibhabhalazi kubadlali bakhe uJose "The Special One" Muorinho ongumqeqeshi weManchester United eguqise iBrighton ngo-1-0 koweBarclays Premiership ngoMgqibelo ntambama e-Old Trafford.

Inqobe ngegoli lenhlanhla elishaywe ngu-Ashley Young, oyisitobha.

UMourinho uthi ezakhe bekungafanele ziwunqobe lo mdlalo ngoba bezifana nento engekho emdlalweni.

OLUNYE UDABA: Umdlali wodumo usebizelwe enkantolo ngezinsolo zokubalekela intela

"Sibe nenhlanhla sawunqoba umdlalo kodwa bekungafanele. Abadlali bami kangazi noma bebenebhabhalazi yini, bebezidlalela into engingayazi.

"Ngiyazwelana neBrighton ngoba isebenze kanzima yazohlulwa ngabantu abebefile. Beyifanelwe yiphuzu okungenani uma ubheka indlela edlale ngayo," kusho uMourinho.

Uthi usazodedela isibhaxu somlomo kubadlali bakhe. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...