Umqeqeshi ufanise iBucs nesikorokoro

2017-12-03 12:02

Durban - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin "Micho" Sredojevic ufanise ikilabhu yakhe nemoto eyisikorokoro ehamba ikhwehlela endleleni. Nokho uthi uzogcina eyikhandile ifane nentsha ceke.

IBucs izobhekana neSuperSport United kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ngo-19:30 e-Orlando Stadium, eSoweto, kubika ILANGA LangeSonto.

IBucs iya kulo mdlalo nje, isanda kwehlula iBloemfontein Celtic ngo-1-0 koweligi ngeledlule eDr Molemela Stadium, eFree State.

Inqoba lo mdlalo nje, ibisikade igijime imidlalo emine iphikwa yimiphumela. USredojevic ocija iBucs uthi akazukuyingena eyokuthi ezakhe ziye phambili ziphinde zibuyele emuva.

OLUNYE UDABA: Basonga ukuphenya izinqe umqeqeshi wePirates

"Kuyihlazo ukuthi ikilabhu enkulu njengePirates ifana nemoto eyisikorokoro ehamba ifa endleleni iphinde iqhubeke ifike kanzima lapho ifuna ukuya khona.

"Kuzofanele abadlali bami baqinisekise ukuthi asigudluki kulo mgqigqo esesiwuqalile. Le nto yokuya phambili uphinde uye emuva ayidingeki uma uyikilabhu enkulu njengathi.

"Kuzofanele siqhubeke lapho sigcine khona siwunqobe lo mdlalo. Khona ngeke kube lula ngoba iSuperSport isefomini, kufanele sikuqinisekise manje ukuthi asidedeli maphuzu," kusho uSredojevic.

 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...