Umqashi akasabonwa nezimali zabasebenzi

2017-04-20 14:03

Durban - Uthukuthele ugane unwabu owesilisa waseMakhabeleni kwaMaphumulo ngokusebenza kodwa engaholi.

UBhekisisa Ngubane, 46, uthi usekhathele wukubanjiswa udonga nguCelani Gumede ongumnikazi wenkampani iMgilija Electrical.

Iphephandaba iLANGA lithole ukuthi zibalelwa ku-56 izisebenzi zale nkampani ezingayitholile imali yazo okwavunyelwana ngayo mhla kuqalwa umsebenzi.

OLUNYE UDABA:Unamanga othembisa umsebenzi - Isexwayiso

UNgubane utshele leli phephandaba ukuthi uGumene wabaqasha bebaningi ukuba benze imisebenzi engafani ngoba kwakukhona onogada, abamba imigodi kanye nabantu abasebenza ngogesi.

Uthi baqala ukusebenza ngomhlaka-20 kuFebhruwari, uGumede wathembisa onogada ukuthi uzobaholela ngemuva kwamasonto amabili beqalile ukusebenza, kodwa kuze kube yimanje, abakaze bathole lutho.

"Kwakuvunyelwene ngokuthi izisebenzi zizoholelwa njalo ngemuva kwamasonto amabili, kodwa lokho akukaze kwenzeke.

"Okubuhlungu wukuthi akekho nozihluphayo ngokusichazela ukuthi kwenzekani njengoba singakaze siyithole imali esathenjiswa yona," kusho uNgubane.

Lo mlisa uqhubeke wathi bavele bawabeka phansi amathuluzi njengoba bonke abasebenzi bavumelene ngokuthi ngeke baqhubeke nokusebenzela amahhala.

Leli phephandaba lizamile ukuxhumana noGumede kodwa akatholakalanga ocingweni lwakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 7-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-14°C Sunny. Cool. Bloem: 2-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...