Umphakathi waseNgonini uthi usuzowathakatha amasela emfuyo

2017-02-02 14:33

eNgwavuma - Umphakathi waseNgonini uthi usukhathele yizigebengu ezeba izinkomo, izimbuzi, izinkukhu kubuye kugqekezwe nemizi kuntshontshwe ifenisha nokudla.

Lokhu kuvele emhlanganweni obusenkundleni yezemidlalo eNgonini ngoMsombuluko lapho kuphunywe nekhambi lokuthi kusungulwe isikhwama sokubhekana nalezi zinkinga ezidalwa ngamasela.

Kulo mhlangano obubizwe yinduna yendawo, uMnu Ellias Shongwe, bekubizwe abantu bawo wonke amazinga emphakathini kubalwa nentsha, okuyiyona enukwayo ngezigameko zobugebengu kule ndawo.

Kuvunyelwane ngokuthi kuzothathwa emalini ekhishwe kusukela ngawo uMsombuluko kukhokhelwe inyanga ezocupha lapho kuntshontshwe khona.

Kugxekwe abazali okubikwa ukuthi bavikela izingane zabo uma zisolwa ngokubamba iqhaza ebugebengwini obukhathaza umphakathi.

Okunye okukhalisa umphakathi wukuthi izigilamkhuba ziboshwa zibuye zidedelwe, inkantolo ingawazisanga wona, kubika iLANGA.

OLUNYE UDABA:Isalukazi sitholwe nezinyoka ebezizitika ngocansi namadoda nabesifazane

Induna yendawo ithi iphelile imfuyo yabantu lapha endaweni, ngiyakweseka okwenziwe wumphakathi ngoba akukho umuntu ozosukelwa lapho ehlala khona kodwa kuzobekwa iphoyisa lesintu elizohamba liyothungatha umuntu ogangile emuva kwalokho kube yisililo esevuma izono zakhe.

“Kwezinye izindawo ezifana nakwaMhlabuyalingana imfuyo ilala emagcekeni kodwa kayintshontshwa. Nathi sizothatha izinyawo siyobuza ukuthi yini abenza ngayo bona ukuze bangathathelwa izinto zabo," kusho induna. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...