Umphakathi uthi awumdingi endaweni oshise unina

2017-05-11 19:29

Durban - Ubuvutha ungabaselwe umphakathi waseThafeni eNdwendwe, enyakatho yeTheku ngesikhathi uyophikisana nesicelo sebheyili yowesilisa obevele eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe izolo ngoLwesithathu osolwa ngokushisa abulale unina kubangwa imali yomshwalense.

USiyabonga "Gandaganda" Maliwa, 25, kuthiwa ubhunyele unina, uNontobeko Maliwa ngophethiloli wamokhela ngomlilo. Umufi kuthiwa uzwiwe ngamalunga omphakathi ekhala, aphuthuma amthatha amuyisa esibhedlela washonela khona. UGandaganda kubikwa ukuthi ugile lo mkhuba emuva kokuba unina emthethisile ngokungayikhokheli imishwalense ngokomyalelo wakhe.

Kuthiwa ngesikhathi ebhunyela unina ngophethiloli, naye umthelile onyaweni okuholele ekutheni ashe ngesikhathi ethungela unina.

OLUNYE UDABA:Isihluku obenesikhwele enquma unina wengane

Ngesikhathi evela enkantolo izolo ekuseni, umphakathi ububhikisha ngaphandle usho nokuthi kawusamdingi emphakathini umsolwa ngoba uwuhlupho.

Ukhala ngokuthi uGandaganda uwuhlupho kakhuku kangangoba useke waboshwa phambilini kodwa wabuye wadedelwa icala laphelela emoyeni. Uthi ngisho engayithola ibheyili, kodwa kawumdingi endaweni, kusho ILANGA.

Esengena enkantolo uGandaganda, ubexhuga efake ibhandishi lapho kuthiwa ushe khona. Ikhansela lakule ndawo, uMandla Ndlovu, lithi nalo selikhathele nguGandanganda ngoba sekukaningi kunezikhalo ngaye.

"Ngokuzwa kwami, unina ubemthume ukuba ayokhokhela umshwalense. Ufike wakhokhela unina kodwa wangayifaka eyakhe njengoba unina ubemfakile naye kulo mshwalense. Siyasola ukuthi le mali yiyona ahambe wayothenga ngayo uphethiloli.

"Esekutholile lokhu unina, umthethisile ebuza ukuthi ukwenzeleni. Kungaleso sikhathi-ke lapho kuqubuke khona ingxabano wabe esethatha uphethiloli wambhunyela ngawo maqede wamthungela. 

"Siyasola ukuthi naye uthelekile ngesikhathi ebhunyela unina ngoba ushile kancane onyaweni kodwa washeshe wakwazi ukucisha ilangabi. Lo mfana uwuhlupho, sikhuluma nje kuthiwa usanda kugwaza umuntu wamkhipha amathumbu ngaphandle, kangazi ukuthi lelo cala liphelelephi.

"Umphakathi usukuvezile ukuthi kawusamdingi, yingakho uwubona ungcwele lapha uzophikisana nokuthi athole ibheyili," Kusho uMnu Ndlovu.

UNkosi Ndlovu ongusihlalo we-Community Policing Forum, uthi uma inkantolo imkhipha ngebheyili uGandaganda, kumele imzamele enye indawo azohlala kuyona ngoba kabasazimisele ngokuhlala nebhubesi.

"Lo mfana uwuhlupho emphakathini, uma ngingaqambi amanga, kunezigameko ezingaphezu kwezintathu azenze endaweni kodwa angaboshwa. Uma kwenzekile waboshwa, icala livele liphelele emoyeni ungazi ukuthi kwenzekeni. Kulokhu asekwenze manje, sekungaphezulu kwamandla ethu akekho umuntu osile ekhanda ongabulala unina," kusho yena.

UMalindi Zondi oqhamuka kwiGender Sub-Committe ngaphansi kwesiFunda iLembe, uthi babone kungcono nabo babe yingxenye yalo mbhikisho ngoba kabahambisani neze nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

Uthi into eyenziwe nguGandaganda iyisihluku futhi ikhombisile ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukulekelela intsha ukuba ingazihlanganisi nezidakamizwa.

"Yize singazi ukuthi umsolwa ubezisebenzisa yini izidakamizwa, kodwa akekho umuntu ophilayo ongenza into enjena kunina omzalayo.

"Kungekudala, besinomkhankanso KwaDukuza lapho besihlangene khona nentsha esicwile ezidakamizweni, ibizikhulumela yona ukuthi kayisazimisele ngokuzibhema. Okunye engicabanga ukuthi kungasiza, wukuletha ezemidlalo emphakathini okuzokwenza izingane zikhohlwe yizinto ezibhedlayo," kusho yena.

Icala lihlehlele uLwesibili mhla zili-16 kuNhlaba (May) nalapho kulindeleke ukuba ayofaka isicelo sebheyili.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 19-29°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 16-22°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...