Umphakathi ufuna kuboshwe inkosi 'enochuku' e-KZN

2017-03-20 14:02

Durban - Ayaveva amanye amalunga omphakathi wakwaNxamalala eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal ngenkulumo yeNkosi yaseVuma eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal okuthiwa icele udede iNkosi yaKwaNxamalala emhlanganweni obumhlaka-10 kwephezulu eMnyakanya Primary School, eNkandla.

Kubikwa ukuthi kusuke ukungaboni ngasolinye phakathi kweNkosi Vela Shange neNkosi Bhekumuzi Zuma kwaba ncane indawo ngesikhathi kunomhlangano wokulungisa izinkinga zokuteleka kwabafundi eMnyakanya.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, izingane zaseMnyakanyaka bezingafuni ukufunda zixosha othisha yingakho kube sekubizwa umhlangano obuhlanganisa la makhosi kwazise lesi sikole sihlinzeka izindawo zaso ngemfundo kubalwa neyakwaBiyela ebikhona nayo kulo mhlangano.

OLUNYE UDABA: Isingenelwe amakhosi eyomasikandi abangcofanayo

Umthombo weLANGA uthi kuthe kusakhuluma iNkosi Zuma emhlanganweni, kwasukusukuma iNkosi Shange yayiphazamisa. Kuthiwa kuthe uma ikhuzwa yathi yona kayesabi muntu kuleya ndawo.

Umthombo uthi kawuqhubekanga umhlangano ngoba isimo bese singalawuleki. Uthi lokhu okwenzekile kuyihlazo kakhulu, ikakhulukazi ukuphazanyiswa kwenkosi endaweni yayo.

"Thina kasikwazi ukukhuluma okufana nalokhu okwenziwe yiNkosi uShange phambi kwabantu.

Emhlanganweni bekuyolungiswa izinkinga ezimbi kabi. Bekukhona umnyango wezemfundo, inkosi uShange yenze isimanga njengoba ivele yasukuma yaphaka impi bukhoma, yacela udede eNkosini uNxamalala.

Udaba obekuhlangenwe ngalo lugcine lungalungiswanga ngenxa kaShange.

Thina siwumphakathi sithi uShange makaboshwe ngoba inkulumo yakhe ibingeyinhle neze, kunalokho ugqugquzela ukuchitheka kwegazi, uqonde ukusibulalisa ngezizathu zakhe ezaziwa nguyena.

Kasifunempi lapha, uShange makaboshwe nabangane bakhe ngoba uvusa amanxeba asepholile angonyaka ka-1994 lapho kulwe lezi zifunda kwaphela abantu, kwavalwa imizi kwasala izingane ezingenabani.

"Sicela ukusizwa sigcinelwe uShange ejele engakayifezi inhloso yakhe. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal makayifakele izibuko le ndaba," kusho umthombo.

Ithintwa iNkosi Zuma, ithe ngeke iphawule ngalolu daba ngenxa yokuthi ifuna kube nokuthula emphakathini. Itshele ILANGA ukuthi umndeni wayo uyiluleke ukuba ingalukhulumi kwabezindaba.

"Besikhona impela esikoleni siyolungisa udaba lwesimo senhlalo yakhona esingesihle kodwa-ke okunye ngeke ngikwazi ukwenaba ngakho," kusho iNkosi uZuma.

INkosi Shange ithe kakusilona iqiniso ukuthi kuke kwaba nokuphakama kwemimoya phakathi kwayo neNkosi uZuma. Ithi impela bebekhona esikoleni beyolungisa izinkinga.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Lennox Mabaso, uthe basazothola imininingwane egcwele ngalolu daba ngoba ngabaholi bomphakathi laba.

"Besingakabikelwa kodwa uma kuwukuthi kwenzekile lokho, ngabe kusho into embi ngoba kunendlela ebekiwe yokuziphatha. Kaluvumelekile udlame," kusho uMnu Mabaso.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...