UMosimane umincile ngabadlali beDowns

2016-10-10 19:31

Durban - Uhlalele ovalweni uPitso "Jingles" Mosimane ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ngabadlali bakhe abayomela amazwe abo emidlalweni yokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba ka-2018.

IDowns izodudulana neZamalek yaseGibhithe emlenzeni wokuqala kowamanqamu we-CAF Champions League ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Cishe isigamu sabadlali beDowns abawumgogodla bayomela amazwe abo njengoba kuyikhefu lekhalenda leFifa kulezi zinsuku.

OLUNYE UDABA: Ngeke sigxeke onompempe njalo uma sihluliwe - Pitso

Phakathi kwabadlali beDowns abayomela amazwe abo kungabalwa uDennis Onyango wase-Uganda, uTebogo Langerman, uKeagan Dolly, uHlompho Kekana abakwiBafana Bafana noKhama Billiat waseZimbabwe.

IDowns izoze iwaqale kahle amalungiselelo omdlalo weZamalek ngoLwesine njengoba ikhalenda leFifa lisongwa ngoLwesithathu.

"Yithuba elingandele bani ukudlala kowamanqamu e-CAF, ngakho-ke kubalulekile ukuzilungiselela ngokweqophelo eliphezulu. Njengoba siqala ekhaya kakufanele nangengozi senze iphutha, kumele sisonge yonke into ekhaya siqambe sesiya kubona sesiwenzile umsebenzi.

"Into engishayisa ngovalo nje ukuthi abadlali bami bonke abamqoka bayomela amazwe abo okwenza nimince ukuthi bangalimali," exoxa neLANGA.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...