Umlandeli usinde equpheni lomsakazi woKhozi FM emcimbini

2017-01-16 14:32

Durban - Uvuke othulini owesilisa evika isibhakela somsakazi woKhozi FM uNgizwe ‘Zulu Charmer’Mchunu, kubika iphephandaba ILANGA.

Lokhu kwenzeke emcimbini wokuhalalisela emculi kamaskandi uMroza Fakude, obuhlelwe yiMabala Noise, okuyinkampani ephethe uMroza eSibhojeni, KwaHlabisa eMkhanyakude ngoMgqibelo.

Lona wesilisa udonse uNgizwe ngempahla zokugqoka embiza ngamaganyana alumelayo anenhlamba phakathi, wavele wadedela isibhakela uNgizwe esho khona ukuthi abantu bangacabangi ukuthi lapha usemsakazweni.

OLUNYE UDABA: Umphakathi ushise obesolwa ngokudlwengula izingane

Kulo mcimbi obusezansi komuzi kaMroza, bekubekwe ubhazabhaza wetende elimhlophe lomphakathi namabili ezicukuthwane.

Bekuhlatshwe nezinkomo ezingaphezu kwezimbili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...