Umiselwe icala 'lokulala' oweGagasi FM

2018-03-18 11:00

Durban - Kuvela izindaba ezithi ubhekene necala elibi umsakazi weGagasi FM, omisiwe emsebenzini. Okuvela ngomthombo othembekile weLanga LangeSonto ongaphakathi kulesi siteshi wukuthi uNomalanga Shozi umiselwe icala lokuhuqa ubuthongo ngesikhathi somsebenzi.

Le ntokazi isakaza uhlelo lwasebusuku olubizwa ngokuthi yi-The Flame At Night, olusakazwa kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Ngokusho kwalo mthombo, uNomalanga umiswe ngemuva kokugasela esiteshini kukaDJ Manny owaxoshwa kulo msakazo ngonyaka owedlule, wabhoka ebuza ukuthi kungani engamiswa uNomalanga emsebenzini ekubeni enza icala elifanayo nelamxoshisa yena.

OLUNYE UDABA:Ucishe wafa oweGagasi FM ebanjwa inkunzi

Kuzokhumbuleka ukuthi uDJ Manny naye kwavela izindaba zokuthi uxoshelwe icala lokuhuqa ubuthongo ngesikhathi somsebenzi  kodwa isiteshi sagcina singaphumelanga obala ngokuzoshwa kwakhe.

UDJ Manny ngesikhathi kutholakala ukuthi wenze icala akazange anikwe nesexwayiso kodwa wakhonjwa indlela. Ulandisa leli phephandaba umthombo uthi okwenze kwathatha isikhashana ukuba uNomalanga ethathelwe izinyathelo, kuze kusukume uDJ Manny, yingoba uyintandokazi yomunye wabaphathi.

Umthombo uqhube uthi ukuba akasukumanga uDJ Manny ngabe uNomalanga akamiswanga emsebenziningoba uthandwa lokho okwedlulele.

"Ukumiswa kwakhe besekwenzelwa nje ukuthi kubhalansiswe izinto. Akaqali ukwenza iphutha," kuqhuba umthombo.

Ngaphandle kokuba ngumsakazi weGagasi FM uNomalanga, ubuye abengumlingisi kwiRhythm City,  ebuye ethule nohlelo iMTV Base.

UKhulekani Shandu, okhulumela iGagasi FM, uziqinisekisile izindaba zokumiswa kwale ntokazi kodwa wathi akukho okutheni angakuphawula mayelana nalolu daba okwamanje.

"Umisiwe kodwa ngeke ngikwazi ukuphumela obala ukuthi uxoshelweni. Okwamanje sisezingxoxweni mayelana nekusasa lakhe emsakazweni. Uma sesenziwe isinqumo sizonazisa,"" kuphetha yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...