Umgijimi uyazisola ngokudla izidakamizwa notshwala

2017-06-30 07:01

Durban - Uzimisele ngokuvuka azithathe umgijimi waseNingizimu Afrika ozakhele udumo ngokuba ngowokuqala wakuleli ukwenza isikhathi esingaphansi kwemizuzwana eli-10 kwi-100m.

USimon Magakwe ubuya eminyakeni emibili engazihlanganisi nezemidlalo ngemuva kokutholakala ukuthi usebenzise izikhuthazi mzimba ezingagunyaziwe kwezemidlalo. UMagakwe usanda kuphumela obala ethi uyazisola ngesenzo sakhe sokusebenzisa izidakamizwa nokudla utshwala zonke izinsuku.

UMagakwe uthi uzimisele ukwenza kangcono isikhathi sakhe esingu-9.98 kwi-100m. Uthi angakuthokozela ukwenza lokhu ungakapheli lo nyaka. Ubuya kwezokugijima nje, izinto sezishintshe kakhulu njengoba irekhodi lakuleli kungu-9.89 kanti liphethwe ngu-Akani Simbine.

"Kuningi okubi engikwenzile. Ngizimisele ukushintsha impilo yami, ngenze kangcono nesikhathi sami kwi-100m. Ngizimisele ukuyogijima phesheya kwezilwandle ukuze ngibuyise udumo lwami. Ngichithe imali eningi kungenasidingo. Ngizimisele ukuphila impilo ehlanzekile manje," kusho uMagakwe.

OLUNYE UDABA:BUKA: Obebudlonyile etshela abasubathi ukuthi baqinise ijubane

Omunye umgijimi osanda kwenza ezibukwayo ephuma ekumisweni ngenxa yezidakamizwa nguLuvo Manyonga ophethe irekhodi lakuleli kwi-Long Jump kanti ubuye nendondo yesiliva nyakenye kuma-Olympic eBrazil.

USimbine uhlomule ngabaxhasi bakwaLiquid Telecom SA abazinze eGoli. USimbine ungomunye wabasubathi ababhekwe ukwenza kahle kwi-International Association of Athletics Federation (IAAF) World Athletics Championships ngo-Agasti eLondon. ILiquid Telecom SA iqambe ihhovisi layo ngoSimbine kanti nendawo eyamukela izivakashi ibizwa nge-Akani Reception.

KwaZulu-Natal kuzoqhudelwana kwi-Viking 10km Challenge ngeSonto eHoy Park, eThekwini. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhumana noBernard Nxumalo kwethi: 078 923 4303. I-KZNA ikuqinisekisile ukuthi ukhona lo mjaho, kubika iLANGA.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...