Umfundisi ezinsolweni 'zokubulala' umzukulu

2017-07-24 16:02

Durban - Uyaveva umndeni wakwaMkhize eziBomvini, eNdwedwe, enyakatho yeTheku othi indodana yawo ikhulelise indodakazi yomfundisi wasendaweni okuthe ingane isizozalwa abazali bayo bayiyalela ukuba isikhiphe isisulu.

Lo mfundisi – esiligodlile igama lakhe – kuthiwa uyalele indodakazi yakhe eneminyaka engu-16 ubudala, ebisinezinyanga eziyisikhombisa ikhulelwe ukuba ikhiphe isisu ngoba ukukhulelwa kwayo kuzomhlaza ebandleni aliholayo.

Le ntombazane – eligodliwe igama layo – efunda eTongaat High School, okumanje igcinwe ngabezenhlalakahle, kuthiwa inikele esibhedlela iMahatma Gandhi Memorial ngeledlule kodwa yafike yabeletha ingane yomfana iphila yabuyela nayo ekhaya.

UNkz Sthe Mkhize onguyisekazi wengane (eshonile), uthi bekungeyomfowabo omncane, uSanele Mkhize, 17.

Utshele ILANGA ukuthi unina wengane uthe efika nayo ekhaya abazali bakhe bayiklinya bamyalela ukuba ayigqibe egcekeni, ngempela kubenjalo.

Uthi bona lokhu bakuthole ngaye unina wengane otshele unina wabo, uNkk Thandazile Mkhize, 57.

“Umama lolu daba uludlulisele ekhanseleni (uMnu Mandla Ndlovu) ukuba lilusukumele ngoba naye unina wengane ubethi abazali bakhe bayamesabisa bathi uma eke wakhuluma uzophelelwa yikhaya.

“Ikhansela lilulandelile lolu daba kwaze kwaba isidumbu sengane siyombiwa ngoLwesine olwedlule ngokubambisana nosonhlalakahle namaphoyisa. Unina wengane uthathwe ngosonhlalakahle bayomgcina endaweni ethile.

“Manje inkinga esesibhekene nayo wukuthi yize lo mfundisi enze into enjena akaboshiwe. Ulokhu ezula ngalapha ekhaya esisabisa ngokusiyisa kwagoqanyawo. Umama ngoMgqibelo ubeyile emaphoyiseni eyocela incwadi yesivumbezelo kodwa kwathiwa makabuye ngoMsombuluko njengoba bekuvaliwe enkantolo.”

OLUNYE UDABA: Abashayeli baxwayiswa ngemigwaqo okumele bayigweme

ILANGA likhulume nekhansela uNdlovu othe uyalwaiz lolu daba, isidumbu simbiwe ngoLwesine olwedlule.

“Ngikhulume nonina wengane emuva kokuba ngincizwe indlebe ngalolu daba ngunina womfana.  Nakuba intombazane ingitshelile ukuthi ingane iyigqibe kuphi kodwa kayizange icacise ukuthi nguyise oyithume ukuba yenze lokhu. Into eyishilo kimina wukuthi ihambe yayogeza yashiya ingane ilele, okuthe uma isibuya yafica isishonile.

“Ithe uma isibheka yathola ukuthi inezibazana emqaleni, ibomvu emakhaleni. Kuthe uma ibuza unina ukuthi kwenzakaleni enganeni, wathi akazi. Ibe isiyigqiba. Siyile namaphoyisa yafike yakhomba lapho iyigqibe khona.”

Ingane ngesikhathi imbiwa iphume isongwe ngejakhethi esawolintshi, ifakwe kuplastiki wesinkwa nowakwaShoprite. Ingane kuthiwa ibingasabonakali kahle ngoba unina uthi wayigqiba ngoMashi kodwa amathambo abekhona, kubonakala ukuthi ngawomuntu.

UNdlovu uthi abazali bathi bebengazi bona ukuthi indodakazi yabo ibikhulelwe.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi kuvulwe icala kanti kusaphenywa.

Uthi izolo ngeSonto amalungu omphakathi ahlasele uyisemkhulu wengane amshaya.

Uthi amaphoyisa amthathile ambeka endaweni ephephile kanti futhi sekuphenywa nangecala lokudala udlame nokucekelwa phansi kwempahla njengoba kushiswe nemoto yakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...