Umfana,12, udubule wabulala umngani eThekwini

2017-06-29 11:01

Durban - Usagwele amathafa umfana, 12, odubule wabulala umngani wakhe, 11,  ngephutha ngeledlule ehostela eKK KwaDabeka eClermont, enyakatho-ntshonalanga yeTheku, kubika ILANGA.

Kakwaziwa ukuthi ubesithathephi lesi sibhamu adubule ngaso u-Ayanda Makhanya obezama ukulamula ingxabano phakathi kukamsolwa nomunye umfana ngoLwesine.

Umsolwa – eligodliwe igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe nangesigameko amataniswa naso – ubexabane nalo mfana ngayizolo ngoLwesithathu ehostela lapho behlala khona.

Kuthiwa ngoLwesithathu bahlukane besadinelwene.

NgoLwesine kuthiwa umsolwa ubehleli nomufi ephethe isibhamu ngesikhathi kuqhamuka lo mfana abexabane naye ngayizolo, kwavuka ukudinwa wafuna ukuqeda ingxabano yabo ngesibhamu.

OLUNYE UDABA: Ababhikishi bashise amaloli eThekwini

Kuthiwa umsolwa udonse isibhamu enqulwini ezama ukudubula lo abexabene naye kodwa wakhuzwa ngumufi, ongumngani wakhe.

Kuthiwa umufi ubambe isibhamu elamula, kanti uzodubuleka washonela khona lapho.

Umsolwa unele wabona ukuthi umngani wakhe usedubulekile, washaya utshani nesibhamu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa avule icala lokubulala.

Uthi umsolwa, 12, usagcwele amathafa, umndeni wakhe uthi kawumazi selokhu ebaleke ngelanga lesigameko.

Uthi amaphoyisa aphansi phezulu athungatha umkhondo kamsolwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...