Umculi wowokholo utshele intombi ukuba ikhiphe isisu

2017-12-10 10:17

eThekwini - Ikhihla esikaNandi intokazi ethi ithandana nomculi wowokholo owayikhiphisa isisu ngemuva kokuthola ukuthi ukhulelwe.

Le ntokazi ogamalayo ligodliwe ukuze ivikeleke itshele abephephandaba iLanga langeSonto ukuthi isola lesi sihlabani ukuthi yisona esimsulele ngegciwane lesandulela ngculazi.

Le ntokazi ithi lo mculi (ogama lakhe ligodliwe) umhlukumeze ngendlela engacazeki waze wacishe wafa nokufa kanti ngenxa yalokho usemnyanyisa owamafinyila.

Lesi sihlabani esisencane naso ngokweminyaka sike sabahlaba ngezindodo ezibalulekile kwiCrown Gospel Arwads ngo-2013 nango-2015 nakuwo lonyaka sithathe izindondo ezimbili, singene emculweni siseyingane.

OLUNYE UDABA: Ukuhlaselwa kukaJackson Mthembu kutshengisa ukungaziphathi kahle - Ramaphosa

Lo mculi unenqwaba yama-albhamu kanye nezingoma ezishisa izikhotha futhi sihlezi sibaliwe emcimbini wowokholo ohlelwa wuSipho Mbatha woKhozi FM iCity 2 City.

Ichaza udaba lwayo, le ntokazi ithi baqala ukuxhumana nalo mculi enkundleni uFacebook bajwayelana isikhathi esingangonyaka ngaphambi kokuba babonane okukoqala.

"Saze sahlangana enxanxatheleni yezitolo eMusgrave saze saya endlini yakhe lo mculi siyongcebela. Okunye kwaholela kokunye kwagcina kwenzeka into engizisola kakhulu ngayo ngoba salala ngaphandle kokusebenzisa ijazi lomkhwenyana,"kusho le ntokazi.

Le ntokazi ithi yahamba endlini yalo mlisa ngoba wayenomcimbi okwakumele ayonandisa kuwo. 

Uthi kwaqhubeka ukulala kwabo ngaphandle kwejazi. "Wanginika imali yokuthenga amaphilisi okugwema ukukhulelwa, kodwa ngenyanga ka-Okthoba ngathola ukuthi ngikhulelwe. Ngemuva kokuba ngizihlolele ngamtshela ukuba ngidinga imali yokuyohlola kudokotela,"kuqhubeka yona.

Le ntokazi ibonise leli phepha ubufakazi bemali eyathunyelwa yilo mculi ngohlelo lwe-eWallet kaR300, nokungubufakazi obuveza igama nesibongo salo mculi.

"Ube esengiphoqelela ukuba ngithole indawo lapho ngizohushula kuya isisu. KwiCity 2 City ebiseWorkshop bengihleli nomfowabo kanye nabanye asebenza nabo, ngagcina sengihanjiswa efulethini engangizolala kulo edolobheni. Ngamfonela kwaze kwasa ucingo lwakhe lungabanjwa waze wafona ekuseni ethi ubematasatasakakhulu.

Uthi lomculi wamnika imali yokuhushula isisu. Uthi wagula ngemuva kokwenza lokhu waze wahanjiswa esibhedlela.

Le ntokazi ithi sandakuthola ukuthi ine-HIV kanti wazama ukukhuluma nalo mculi ngalesi simo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Le ntokazi ithi iveza lokhu ngoba ifisa ukuxwayisa nabanye ukuba bangagijimeli osaziwayo abafana nalo ngethemba lokuthi bangamakholwa angempela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...