Umculi wowokholo akacacisi ngobudlelwano neMabala Noise

2017-11-06 12:30

Durban - Ubhoke ngolaka umculi wowokholo, uHlengiwe Mhlaba, ebuzwa ngobudlelwano bakhe neMabala Noise Entertainment (Mabala) asebenzisana nayo kwi-albhamu yakhe yakamuva asanda kuyikhipha.

Kwikhava yale albhamu esihloko sithi Sthandwa Sami (Moy'ongcwele) kuvela ukuthi le nkampani ehlala isematheni yiyo eyisabalalisayo (i-albhamu).

Kubhalwe ukuthi ukusatshalaliswa kwayo kwenziwe yiMabala Noise Distribution, okuwuphiko olungaphansi kwale nkampani.

UHlengiwe obevutha bhe ebuzwa ngalobu budlelwano ubuze ukuthi kusukela nini sekubuzwa ngezinkampani ezisabalalisa umsebenzi wabaculi njengoba seziziningi kangaka asebenza nazo phambilini.

OLUNYE UDABA:IMabala Noise izomemezela ukudedelwa kwabaculi abayisikhombisa

"Ngimane ngiyakunikeza nje nethuba ngoba ngiyakwazi kodwa angikwazi ukukhuluma kahle la ngoba ngisezitolo, kungcono ubuye ungifonele ukuze siyixoxe kahle le ndaba.

"Uma uphikelela nalo mbuzo ngizovele ngikutshele ukuthi funda ikhava ngoba ibhaliwe," usho kanje, wagcina ngokuthi makashayelwe ucingo ngosuku olulandelayo.

"Ngicela ukungaphawuli ngoba kangiqondi ukuthi kungani kuze kube nalo mbuzo. Ngisebenzile nezinye izinkampani phambilini, pho yini kunenkinga manje? Yingoba kuyinkampani yabamnyama?" kusho uHlengiwe ngolaka.

Esechazelwa ukuthi yini esuse lo mbuzo, ugcizelele ukuthi akasayinile ngaphansi kwale nkampani. Obekuvukuza lo mbuzo wukuthi kakukaze kuzwakale ukuthi usebenzisana nale nkampani njengoba ihlale imemezela uma kunabaculi esebenza nabo.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini imemezele ukuthi isayisne inqwaba yabaculi obekukhona phakathi kwabo uZola 7, Pro nabanye okubuye kwavela ukuthi sebehoshe imfe emuva nje kwesikhashana.

Bekusabalele nezindaba ezithi abanye balaba baculi bebemfumbathiswe izigidi zamarandi ngokuba yingxenye yale nkampani.

ElikaHlengiwe Mhlaba igama alikaze liphathwe. Okwenze kwanuka santungwana wukuthi nabamsebenzelayo ukukhangisa le albhamu okunguNonhle Mtetwa noThobile Mchunu bebezihlangula ukuphawula ngalobu budlelwano, bethi umuntu oyiqonda ngokuphelele le ndaba, nokufanele aphawule ngayo ngumnikazi wayo uHlengiwe.

Ukhipha le albhamu nje ubegcine ngethi Edwaleni kuwo lo nyaka. 

 - ILANGA LangeSonto

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...