UMbhishobhi waseMzinto ulahlwe amacala angu-745 okukhwabanisa

2017-05-14 15:01

eMzinto - Baphume bedumele enkantolo abantu abebeyizisulu zikaMbhishobhi olahlwe amacala angu-745 okukhwabanisa.

UMbhishobhi uJabulani Mvubu webandla iHis Grace Ministries eliseMzinto ubevele phambi kweMantshi uChristo Mazibuko.

Ukwehliswa kwesigwebo sakhe kuhlehliselwe umhlaka 13 kuJuni njengoba abammeli bakaMvubu bacele ithuba lokucubungula izicelo zezisulu mayelana nesigwebo okumele asinikwe.

Kuyithathe imizuzu engaphansi kweyishumi iMantshi ukuba ihlehlise leli cala.

Ngesikhathi kusalindwe ukuba kungene iMantshi enkantolo lo mbhishobhi ubebonakala encokola ebalisa ngokukhipha i-albhamu yakhe yomculo wokholo engazi nokuthi lidumephi.

Ngesikhathi esephuma enkantolo, ubehambela phezulu ephelezelwa amalungu ebandla.

Kuzwakale izisulu zakhe zikhala ngokuthi unomuthi.

OLUNYE UDABA:Uphume nyova umbhishobhi emlindelweni

"Kunini lihlehla leli cala lakhe lingapheli, kuphekwe ikhanda lenja lona elingavuthwa," kusho izisulu.

Lo mbhishophe ubelokhu emoyizele njalo ekhuluma ngocingo ebiza abaqaphi bakhe.

ILanga LangeSonto lihabule umoya wokuthi izisulu zicela inkantolo ukuba imjezise umbhishobhi iphinde imphoqe ukuba azikhokhele izimali zazo nenzalo yazo.

Lo mbishobhi waboshwa kulandela uhlelo alusungula olubizwa ngeZuza4Life lapho wayegqugquzela khona abantu ukuba umuntu ngamunye afake imali engangoR2500 okuzothi uma kubuya izimali iqoqo ngalinye lizothola imali engango-R15 million.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...