Umbhishobhi ulahlwe amacala angu-574

2017-04-20 12:34

Durban - Amlahle wonke amacala okukhwabanisa angu-574 abethweswe wona uMbhishobhi waseMzinto eningizimu yeKwaZulu Natal uJabulani Mvubu enkantolo yamacala obugebengu obuhleliwe.

Bekulindeleke ukuthi agwetshwe izolo ngoLwesithathu uMbhishobhi Mvubu osehamba egadwe ngabaqaphi abala ukhasha uma kukhona osondela eduze kwakhe, kepha iMantshi uChristo Mazibuko yanquma ukuba anike ithuba izisulu ukuba zibe nezwi ngaphambi kokuba awise isigwebo.

Izisulu bezigcwele phama enkantolo zifuna ukuzolalela isigwebo esizotholwa nguMbhishobhi, iningi lazo obekungabesifazane okubonakalayo ukuthi bebeyethembile iNceku yeNkosi ukuthi izobawelisa ngelibanzi bacebe kepha akwenzekanga.

OLUNYE UDABA:Uphume nyova umbhishobhi emlindelweni

UMazibuko umlahle ngamacala uMbhishobhi Mvubu ngomhlaka-24 ngenyanga eyedlule, izolo bekulindeleke ukuthi kuphume isigwebo sakhe.

Izolo uthe kuyinqubo yenkantolo ukuba nazo izisulu zibe nezwi zibeke izifiso zazo. Wabe eseluhlehlisela umhlaka-12 kuNhlaba (May) udaba lapho ezobe esekhipha isigwebo esimfanele umbhishobhi.

UMbhishobhi Mvubu ukulolubishi nje wayephume umkhankaso owaba yimpumelelo ekhuthaza abantu ukuba babe ngamaqoqwana umuntu ngamunye akhokhe imali engu-R2 500 eqoweni labayisihlanu ngethemba lokuthi lelo qoqo lizozuza imali engu-R15 million.

Uhlelo lwakhe ubelubiza ngeZuza 4 Life elajoyinwa yizinkumbi zabantu okuvela ukuthi waqoqa imali elinganiselwa kwengu-1.5 million ngokuhamba kwesikhathi abantu bengayiboni imiphumela bamvimbezela esontisa eMalangeni ngenyanga kaZibandlela (December) ngo-2014 kwaze kwalamula amaphoyisa amvalela.

Usuku lokuqala evele enkantolo ubegqoke amatrack suite imantshi iyale izisulu ebezithukuthele zigane unwabu enkantolo ngalolo suku ukuba zingamenzakalisi ukuze akwazi ukukhokha imali azikweleta yona.

Izolo izisulu ziphume zaba nomhlangano lapho zithe zizoqale zizwe ukuthi ikhona yini imali ekhona ngaphambi kokuba zithathe isinqumo sokuthi zifisa enziwe njani.

Kepha iningi lazo zithe ukubuyiselwa imali yinto eziyifunayo nokuba ajeze ngokuzimpampisa.

Ekhuluma neLanga ummeli  kaMbhishobhi Mvubu uSipho Ngubane uthe:  "Ngingathokoza uma izisulu zingafuna imali yazo ngoba vele ikhona ngoba uma engayodonsa ejele umsolwa ngeke kube lula ukuba ziyithole." 



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...