Umbhishobhi ukhala ngomkakhe onesibhaxu futhi uqoma njalo

2016-09-26 13:31

Durban - Wethuka izanya umbhishobhi webandla, iSt John's Apostolic Faith Mission eMatsheketsheni eMandeni, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal othi umkakhe usebukise ngaye kaningi emphakathini emshaya futhi eqoma phambi kwakhe.

UMbhishobhi Todi Ndlovu, 59, - waleli banda elaziwa ngokuthi yiseChibini - ukhala ngoNkk Siphiwe Ndlovu, 39, uMaMthombeni, athi ubukisa ngaye komakhelwane ngokumshaya aphinde antante namadoda yize ehlonishwa ebandleni. Uthi indlela umkakhe anesibhaxu ngayo, useke wamngqema ingozi engeqiwa ntwala waze wamvulela icala.

Uthi akasamdingi emzini wakhe uMaMthombeni - aseshade naye iminyaka eli-10. Utshele ILANGA ukuthi usesaba nokuthi umkakhe uzongcina emkhiphe umphefumulo. "Sengikhathele ukuphila le mpilo emzini wami. 

Umkami ungumuntu onolaka oluyisimanga kangangoba ubejwayele ukuxabana namalunga ebandla lami ewasola ngokuthi ajola nami. Uma ngike ngamkhuza kulokho, ntambama bengingalali yinduku engishaya engisola ngokuthi ngikhulumela amalunga ebandla ekubeni yena engumkami. Indlela abengishaya ngayo, ngize ngakhetha ukuyokwenza incwadi yesivimbelo enkantolo.

Ngelanga amaphoyisa afike ngalo ukuyomsayinisa le ncwadi, athe efulathela nje kade eqeda kuyisayina, wangingqema ingozi ngepulangwe engitshela nokuthi mangikhohlwe ukuthi uyoke aboshwe ngoba amaphoyisa yena uyawazi futhi uwavulela amathanga.

OLUNYE UDABA: Ushaye umyeni ngetshe washona kubangwa eyegilosa

Le nto ayishilo ingiphathe kabi kakhulu ngoba vele ngiyazi ukuthi unobudlelwano nelinye lamaphoyisa.

Ngikhuluma nawe nje, lijwayele ukufika lizomthatha lihambe naye lize limbuyise ekuseni, ngikhona emzini wami. Uma ngimubuza ngalokhu, ubhoka ngolaka angishaye," kusho uMfu Ndlovu.

Ngamphandle kokumshaya, uthi umkakhe akaziphathisi neze okukamama mfundisi, okwenza amalunga ebandla lakhe ashiye ngoba ebalekela leli hlazo. Uthi kwakhona ukuthi umkakhe angcine ehambile emzini wakhe, ubonga umphakathi ongenele kulokhu kuhlukunyezwa kwakhe.

"Indlela angaziphethe kahle ngayo, uke wahamba wayocela ukulala nomakhelwane wami ngoba ethi mina nginoshukela induku yami kayisavuki. Umakhelwane ubuyile wazongitshela lo mhlola ngoba engahambisani nale nto abemcela yona.

"Sengisaba ngisho ukuhamba lapha ngaphandle ngoba ngisaba abantu ukuthi bazothini ngale nto eyenziwa ngumkami engamlobola ngaqeda kubo," kuzikhalela uMbhishobhi Ndlovu.

Elinye ilunga lomphakathi elicele ukungadalulwa, lithi ibuhlungu into abayibuka mihla namalanga kulo muzi wakwaNdlovu.

Lithi sebekhethe ukuba ngabaqaphi bakhe uMbhishobhi Ndlovu ngoba amaphoyisa kawamsizi ngalutho, kunalokho ayamhleka. Kubaxakile bewumphakathi ukuthi amaphoyisa afune ukubopha uMfu Ndlovu ekubeni kunguyena ohlukunyezwa ngumkakhe.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iLANGA.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...