UManyisa ubhoboka ngokulimaze iPirates

2017-04-13 12:31

Durban - U-Oupa "Ace" Manyisa ongukaputeni we-Orlando Pirates ubhoboka ngokwehlise ifomu yakhe neyale kilabhu okumanje isiqala ukubuyelwa yisithunzi kwi-Absa Premiership ngaphansi kukaKjell Jonevret odabuka eSweden ongumqeqeshi wayo omusha, kubika iphephandaba ILANGA.

IBucs iguqise iMaritzburg United ngo-2-0 kowe-Absa Premiership ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

Inqobe lo mdlalo ngamagoli ka-Ayanda Gcaba nelikaDove Wome. IBucs kuzokuthi ngoMgqibelo ngo-20:15 igadulisane neHighlands Park eMakhulong Stadium, eTembisa.

UManyisa odlala esiswini kwiBucs, naye okhombisa izimpawu zokubuyelwa yifomu, uveza isizathu esenza le kilabhu idlale ibhola elikhangayo futhi inqobe nemidlalo muva nje.

"Ukushintshashintsha kwabaqeqeshi kusiphazamisile kangangoba sibe nokudideka kancane okwenze izinto zangahlangana kahle nemiphumela yasiphika. Ukufika komqeqeshi omusha (uJonevret) kwenze wonke umuntu wenyusa amasokisi, sabona kumqoka ukuthi simlwele.

OLUNYE UDABA: Uxolisile kwiChiefs nakuKomphela owashiya angalazi kuleli qembu

"Empeleni ukuhlulwa njalo bese kusehlise kwasiqeda isithunzi sethu nesekilabhu yingakho sivele sahlangana sakubeka emahlombe ethu ukuthi silwe. Yikho lokhu okwenza kubukeke sengathi izinto ziyashintsha manje nefomu yethu iyabuya," kusho uManyisa.

Uthi noma kanjani bazowunqoba umdlalo weHighlands.

"IHighlands isenkingeni, ilwela impilo yayo, kanti nathi sifuna ukuqoqa wonke amaphuzu aphambi kwethu. Lo mdlalo uzokuba nzima kodwa noma kanjani sizowunqoba. Kakusikho ngoba ngiyibukela phansi iHighlands kodwa yingenxa yobunzima esiphuma kubo. Imimoya iphezulu manje ekhempini, wonke umuntu ulwela ikilabhu futhi uzinikele," kusho uManyisa.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe ukugijinywa ezinkundleni ezahlukene iqhathwe kanje:-

NAMUHLA (NGOLWESINE)

EMoruleng Stadium: Platinum Stars vs Cape Town City 18h00 (SS5).

ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs SuperSport United 19h30 (SS4).

KUSASA NGOLWESIHLANU

EHarry Gwala Stadium: Maritzburg Utd vs Baroka FC 17h00 (SS4).

NGOMGQIBELO

EPrince Magogo Stadium: Golden Arrows vs Ajax Cape Town 15h00 (SABC1).

EMbombela Stadium: Kaizer Chiefs vs Chippa United 18h00 (SS4).

EMakhulong Stadium: Highlands Park vs Orlando Pirates 20h15 (SS4).

NGESONTO

EJames Motlatsi Stadium: Free State Stars vs Mamelodi Sundowns 15h00 (SS4 nakwiSABC1)).

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...