UKomphela usizwe yinkulumo kaMotaung

2016-10-17 13:30

Durban - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve "Mphathi" Komphela udalule inkulumo kaKaizer "Shintsha Guluva" Motaung onguSihlalo wale kilabhu azwakalise ukuthi yiyona eyenze izinto zajika zahamba kahle eziMpofaneni.

IChiefs iguqise i-Ajax Cape Town ngo-2-0 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. ULorenzo Gordinho oyisitobha seChiefs uvule inkundla engqofela enethini igoli ngomzuzu wama-48, kwathi elokushayela isipikili labhajiswa ezintanjeni nguGeorge Lebese ngowama-94.

IChiefs kayiyiqalanga kahle imidlalo yale sizini njengoba ike yaba wukudla kwesibhaxu, idonsa kanzima. Ize yawashiswa ijezi yiCape Town City koweMTN8. Nokho konke kubukeka sekuyihambela kahle njengoba isinqobe imidlalo emine ilandelana. Yiyona eziholayo esicongweni se-log ngamaphuzu ali-13 emidlalaweni eyisihlanu.

UKomphela udalule inkulumo kaMotaung athi ijike izinto.

"Ngesikhathi zingahambi kahle izinto abezindaba bebesho okuningi kodwa ngaphakathi ekilabhini bekuhlukile, bezikhululekele futhi bengeseka. Lokho kwenziwa wukuthi abaphathi beChiefs banesipiliyoni sokuphathwa kwebhola, bayazi ukuthi ebholeni kwenzakalani.

"Ngesikhathi kukubi uMotaung ungibizile wathi ukuhlulwa kwiligi kabakunaki kakhulu abalandeli kodwa ukuphuma kowenkomishi kabakuthathi neze kahle kwazise le kilabhu yasungulelwa ukunqoba kwasani. Ungiyalele ukulungisa lapho kuxega khona. Emuva kwalokho ngikuqonde kahle ukuthi uMotaung ukhaliphe kangakanani.

OLUNYE UDABA: Bahlekise ngeChiefs kunqoba iDowns

"Ngibe sengizihlola, ngazitshela ukuthi ubengeke angiqashe uma engaboni lutho kimi. Yilapho kuqale khona ukujika izinto njengoba kubukeka kukuhle kanjena manje," kusho uKomphela.

Uthi i-Ajax ibanike umdlalo omnandi.

"Ngendlela umdlalo obuyiyona ngikholwa wukuthi abalandeli bawuthokozele. Ngendlela ebezithengana ngayo ububona ukuthi womabili amakilabhu afuna ukunqoba kodwa kwagcina kuphumelele thina. Ngiyajabula ngoba abalandeli bethu sibanike lokhu abebekufuna," kusho uKomphela.

URoger de Sa opheka i-Ajax, uthi kawuzange neze umchaze lo mdlalo.

"Inkulu inkinga ebholeni laseNingizimu Afrika, amagoli kawabonwa. Ngokwazi kwami umdlalo uba mnandi ngokuthi sibone onozinti bevimba amabhola anzima kuvalwe amehlo. Onozinti bawo womabili la makilabhu kabazange bawavimbe amabhola anzima umdlalo wonke.

"IChiefs ithole amathuba amabili yawabeka enethini. Nathi siwatholile awethu kodwa sangawasebenzisa. Kunelitholwe nguPrince Nxumalo ebelizokwenza kube ngu-1-1 kodwa walishweba. Ukuba ulibeke enethini belizowuguqula umdlalo.

Yisifo sethu-ke ngale sizini, sihlulwa ngamathuba yingakho nje sizithola sikule nkinga esikuyona," kubalisa uDe Sa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...