UKomphela akazimisele ngokugudluka kwiChiefs

2017-11-27 14:02

Durban - USteve "Mphathi" Komphela ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ugcizelela eyokuthi ngeke nangengozi abaleke kule kilabhu yize ebona ukuthi kunenkinga enkulu.

IChiefs ishayane yaze yabukana neFree State Stars ngo-1-1 koweligi ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Igoli leFree State Stars kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaDaniel Cardoso oyisitobha seChiefs, kwathi eleziMpofana lashaywa nguBernard Parker.

Nakulo mdlalo kugqame le nto okuhlale kukhalwa ngayo yokushwetshwa kwamathuba alula ngamakilabhu akuleli. IChiefs nakuba ingadlalanga ibhola elitheni kodwa ithole amathuba angcono yangawasebenzisa.

OLUNYE UDABA: Umgadli weChiefs uvikela uKomphela ngokuboza kwekilabhu

UKomphea uthi yize isimo sinzima kodwa ngeke aliphonse ithawula.

"Yinkinga le esibhekene nayo yokushwetshwa kwamagoli. Ngiyazi ukuthi njalo ngihlale ngikhuluma into eyodwa, kangizenzi, yisimo. Siyisebenza njalo le nto ejimini kodwa uma sesifika emdlalweni kuvele kwenzeke enye into.

"Nokho ngeke ngiliphonse ithawula, wumsebenzi wami njengomqeqeshi ukulungisa le nkinga. Ngizokulwa nayo kuze kufike ekugcineni," kuchaza uKomphela.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA lanamuhla.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...