UKini Shandu ukhonjwa oKhozini

2017-09-24 15:00

Durban - Kubikwa ukuthi kunezingxoxo ezisezingeni eliphezulu futhi eseziya ngasemaphethelweni phakathi komethuli wohlelo iDaily Thetha, edlala ku-SABC 1 kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesine, nesikhondlakhondla somsakazo ongaphansi kwayo, iSABC, uKhozi FM.

Imithombo yeLanga LangeSonto ithi maningi kakhulu amathuba okuthi maduze uKini Shandu owaduma emsakazweni iGagasi99.5 FM, ajoyine uKhozi FM.

NgoLwesihlanu uzwakale ohlelweni lukaDudu Khoza iJabul'ujule enza iprank call.

OLUNYE UDABA:'Uphezu kwezingxoxo naboKhozi FM oshiye 'kungekuhle' kuGagasi FM'

"Wukuthi izingxoxo zabo baqale seziphothuliwe izinhlelo, manje basamphendlela uhlelo azongena khaxa kulona,: kuqhuba umthombo.

Umthombo uthi enye into eyinselelo odabeni lukaKini wukuthi uyhlelo alwenza kumabonakude ulusakaza emini kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, okusho ukuthi kufanele bamfake ohlelweni olungeke lushayisane nesikhathi somsebenzi kumabonakude.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini ngesikhathi kuxoshwa uChilli M kulo msakazo, ake aqubuka amahlebezi okuthi uKini angase awujoyine umsakazo, avale isikhala salo msakazi okhonwe indlela. Nokho kwagcina kubuye kwashabalala kwagcina kungene uSbu Buthelezi esikhaleni sikaChilli M obesakaza ngokubambisana noMroza Buthelezi.

Ngesikhathi ethintwa uKini Shandu uqale ngokuncokola wathi: "Kusho ukuthi ayikho into engiyenzayo engeke iphume ephepheni. Ngisho ngigula kusho ukuthi nizobhala?"

Akawaphikanga lawa mahlebezi kodwa uthe akavumelekile ukukhuluma izindaba ze-SABC.

"Ngeke ngikwazi ukuphawula. Ungathinta abakhulumela i-SABC abanegunya lokukhuluma, mina ngikhuluma izindaba zaseMambatheni kuphjela," kusho uKini.

UZandile Tembe ongumphathi  wezinhlelo emsakazweni uKhozi FM naye wenze okufanayo akazange aphike futhi akavumanga kodwa ucele intatheli ukuba ithinte uKaizer Kganyago okhulumela i-SABC.

"Asisavumelekile ukukhuluma thina kodwa kungathintwa uKganyago - nguyena umuntu onegunya lokuphawula.

UKganyago uthe yena akakwazi ukuphawula ngodaba olungakaphothulwa. Uthe uyokwazi ukuphawula uma sekukhona isivumelwano esikhona, nento esisayiniwe.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...