Ukhonjwa kwiSuperSport United ogaqelwe yiPirates

2017-07-03 11:08

Durban - Angase agcine kwiSuperSport United uMusa Nyatama ogaqelwe nayi-Orlando Pirates efuna ukuqinisa isikwati ukuzama ukubuyisa isithunzi ngesizini ezayo.

Lo mdlali ogijima kwiBloemfontein Celtic kuputshuke ukuthi ufunwa yiSuperSport okuthiwa imbekele etafuleni iqatha eliconsisa amathe.

Umthombo wethu osondelene nalo mdlali, uthe: “UMusa ufunwa yiSuperSport nePirates. Nokho inhliziyo yakhe ibukeka isivele inqotshwe yiSuperSport ngenxa yemali emuthembise yona.”

UNyatama akatholakalanga ukuba aphawule ngalolu daba ngesikhathi ethintwa ngeSonto yiphephandaba.

OLUNYE UDABA: Konke kuvuna iDowns kweye-CAF

Umqeqeshi omusha weSuperSport utshele ILANGA ukuthi nakuba bekhona abadlali abakhuluma nabo ukuzoqinisa isikilabhu, ngeke akwazi ukubadalula ngoba izingxoxo zisaqhubeka.

Uthi ngeke enze izinguquko eziningi kule kilabhu kodwa wazwakalisa ukuthi usephonsa ithawula ngoMandla Masango njengoba le kilabhu ibimboleke kwiRanders FC yaseDenmark.

Omunye umdlali angaboni ukuthi basazokuba naye ngesizini ezayo nguMario Booysens obebolekwe kwiMamelodi Sundowns.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...