Ukhala ngokuxinwa yizesheli u-Ayanda Ncwane

2018-04-22 14:06

Durban -  Ukhala ngokweshelwa ubuthaphuthaphu u-Ayanda obeyinkosikazi yesilomo somculo wokholo, uSfiso Ncwane ongasekho emhlabeni.

U-Ayanda usesebenza ukuphunga amadoda wena owabona umuntu ephunga izimbuzane. Uthi aqhamuka ngapha nangapha kanti ngisho nasezinkundleni zokuxhumana awazibekile phansi, amthumela imiyalezo kwi-inbox.

Uthi mawahlukane naye phansi, inhliziyo yakhe isaqaqamba ngokushiywa ngumyeni wakhe.

"Ungafunga ukuthi kubekwe isicoco sokuthi oyongithola kuqala nje," kusho yena.

OLUNYE UDABA:UmkaNcwane ugonyuluke emsakazweni okokuqala ngqa

Lokhu ukudalule enkulumeni ekhethekile abe nayo neLANGA LangeSonto ngaphambi komgubho wosuku lokuzalwa lomyeni wakhe obeluyizolo.

uSfiso washona ngomhlaka-5 Disemba 2016. Uthi indlela umyeni wakhe ashona ngayo yiyona eyenza kube nzima ukuphola kwesilonda enhlizweni yakhe nokuba angaxoli.

"Ngabe kungcono ukuba wagula noma wagingqika nemoto mhlazmpe ngabe sekupholile kodwa indlela ahamba ngayo yenza ngingakholwa ukuthi ngeke ngiphinde ngimbone, ngakho-ke uma umuntu ezongikhulumela indaba yokuqhubekela phambili nezothando ngivele ngimbuke nje," kuqhuba u-Ayanda.

Uthi izicelo zezesheli ezingena zilakanyana azithi shu kuyena.

"Mina inhliziyo yami isekwaNcwane futhi isekude ukuphuma khona uma kuwukuthi iyophuma," kusho yena.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA LangeSonto

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...