Ukhala ngo-R2 umndeni oshonelwe yindodakazi

2017-03-20 14:01

Durban - Ukhala ngokulahleka kuka-R2 umndeni wakwaGumede eMatata, eNdwedwe, enyakatho yeTheku, indodakazi yawo ephume ekhaya iyowubheka ngasesikoleni kwagcina kutholakala isidumbu sayo ngoLwesine ekuseni, idlwenguliwe yahlahlelwa ngocelemba ekhanda.

UNolwazi Gumede, 14, kuthiwa ngoLwesithathu ntambama uphume kubo eyothungatha lo pondo olahleke ekuseni eya esikoleni.

Umndeni uthi ukuba lo pondo ubungalahlekanga, mhlawumbe ngabe indodakazi yawo ebifunda uGrade 6 ePhiso Pirmary School isaphila.

Isidumbu sakhe sitholakale esikhotheni esiseceleni komgwaqo ongasesikoleni sakhe.

ILANGA lithole ngonina kamufi uSthembile Gumede, 32, ukuthi uphume ekhaya ehamba nenye ingane yona ebithunywe esitolo.

Kuthiwa uphume ebalisa ngalo R2 obumlahlekelile – abewuphiwe ngubhuti wakwamakhelwane okungaziwa ukuthi umuphe kwenzenjani.

UGumede, oficwe abephephandaba ehleli emakhazeni, engazi nokuthi uzoyingcwaba ngani indodakazi yakhe, uthi: “Size sayolala uNolwazi engabuyile futhi nami kangizange nginake ukuthi akabuyile ekhaya. Kuze kwasa ekuseni engabuyile sathola ngomakhelwane ukuthi kunengane etholakale eceleni komgwaqo isishonile.”

OLUNYE UDABA: Umndeni kaMafela uthi kunzima ukwamukela

ILANGA limbuza ukuthi balale kanjani ingane ingabuyile ekhaya, uthe: “Bekuke kwenzeke alale komakhelwane uma izulu line kakhulu engakabuyi ekhaya. Silale ngizitshela ukuthi uvinjezelwe yimvula walala komakhelwane njengokuba bekuke kwenzeke phambilini.”

Uthi uzifikele endaweni yesigameko wathola indodakazi yakhe inenkebenkebe yengozi esiphundu okubukeka engathi igencwe ngocelemba.

Izingubo ebizigqokile bezidabukile emhlane, inemihuzuko ekhomba ukuthi ibihudulwa phansi.

Uthe basola ukuthi indodakazi yakhe ibulawelwe kwenye indawo njengoba belingeliningi igazi lapho kutholakale khona isidumbu.

“Kumanje asazi sizothathani sihlanganise nani ukufihla indodakazi yami. Sicela noma ngubani ongasisiza ukuba sikwazi ukufihla indodakazi yami,” kusho uGumede.

Okhulumeela amaphoyisa aKwaZuli-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi likhona icala elivuliwe lokubulawa komuntu, amaphoyisa abengakabophi muntu, kusenziwa uphenyo.  

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...