Ukhala ngenyanga-mthandazi usomabhizinisi

2017-12-07 12:32

Durban - Ukhala uyazithulisa usomatekisi waseVosloorus, eBoksburg, eGauteng, osola ubuqola kwinyanga-mthandazi edume ngokuthi ithwele.

Usola le nyanga-mthandazi enguMnu Mxolisi “Dr Mkhulu” Nkomonde ngokuthi imqole imali engaphezu kuka-R17 000 sekuhlangene nezindleko zokugibela elibhekise emzini wayo lapho efike wachitha khona ubusuku engasizakalanga, okuthe ngakusasa ekuseni le nyanga yamnika imithi yokuphalaza yathi makahambe.

Lona wesilisa – ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa – uthi ushayele le nyanga wacela usizo lokuba imthwalise ngoba ufuna amabhizinisi akhe achume kunalokho ayikhona manje.

Lo somabhizinisi uthi ubezimisele ngokwenza noma yini uDr Mkhulu athi makayenze ukuze naye agwilike.

Uthi konke okwenzeka empilweni yakhe njengamanje, kakusikhona neze abecabanga ukuthi kuzokwenzeka.

Ubezitshela ukuthi kuzoshaya uKhisimusi eyikazela imali.

“Ngiye kuDr Mkhulu ngoba ngizwe ukuthi uyakwazi ukuthwalisa abantu. Nami-ke ngoba bengifuna ukuba ngandelwe ngamatekisi nemali ingene igeleza, ngilibhekise kwaMhlabuyalingana lapho ngifike ngafunwa khona le mali, okuthe uma sengiyikhiphile, uDr Mkhulu wanginika isigubhu ebesinezinyosi phakathi wathi yisona engizokhuluma kusona uma kukhona engikudingayo” kusho lo mlisa.

OLUNYE UDABA: Ukhala ezimathonsi obechthw aumculi kaMaskandi

“Bengitshelwe ukuthi izinyosi ngizinike uju zidle lona nokuthi lesi sigubhu ngizokhuluma kusona ukuze izinyosi zinginike noma yini engiyifunayo. Ngithe uma ngimfonela uDr Mkhulu ngimtshela ukuthi izinyosi ziyafa, wathi mangithumelele amagama ami nesibongo ngomqhafazo uzongibhekela edlozini ukuthi kwenzekani.

“Emuva kwesikhashana bese ngithi uma ngishaya ucingo lungabe lusabanjwa nhlobo. Ngiyafuna ukusizakala kodwa uma engeke akwazi ukungisiza ngilindele ukuthi abuyise imali yami okungcono,” kusho yena.

Akuyena yedwa lona wesilisa okhala ngokugilwa uDr Mkhulu, njengoba kukhona nowesifazane waseGuteng othi wakhokha imali eshisiwe ngoba efuna ukuthola izizumbulu e-casino.

Umengameli weSouth African Traditional Healers, uMnu Sazi Mhlongo, uthi abantu mabayeke ukulutheka kalula behambe bekhipha imali kuthiwe bayathwalwa ngoba lowo wumsebenzi ojule ngendlela eyisimanga.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...