Ukhala ezimathonsi obechuthwa wumculi kaMaskandi

2017-12-07 11:00

eThekwini - Ukhala uyazithulisa owesilisa waseNewcastle othi uchuthwe izizumbulu yintokazi engumculi kaMaskandi.

U-Andian Zondo, 30, uthi uyoyikhohlwa efile into ayenziwe wuThandazi Zulu, 27, waseHudula khona eNewcastle omchuthe wabhoboka iphakethe yize engakaze aqatshulwe kwakuqatshulwa.

Echaza udaba lwakhe, uthi wahlangana nale ntokazi emcimbini kaMaskandi njengensizwa wathatheka futhi wazibika kuyona. Ngemuva kwalokho base bexhumana ocingweni nesinqandamathe sakhe.

Utshele iphephandaba iLANGA ukuthi sebethandana, uZulu uthe kunowesilisa asemkhulumele naye ofaka abantu emsebenzini kwaTransnet kodwa kufuneka imali engango-R1 500 kanemenayidi

"Ngiyifakile le mali nensizwa obekuthiwa iyaqasha yangithinta iqinisekisa ukuthi iyitholile imali. Ingitshele ukuthi ngizongena emsebenzini ngoMsombuluko," kusho yena.

Uthi wamangala esefonelwa yintombi ngoMgqibelo imubuza ukuthi uzwile yini ukuthi lo mlisa akhokhe kuyo useboshiwe, futhi nemali yakhe isicwilile.

Uthi kwadlula amasonto ambalwa intombi yamtshela ukuthi ishonelwe wudadewabo uNonhlanhla obehlala naye, ucela uR3 000 njengoba kufanele abuyele kubo kuyokwenziwa amalungiselelo omngcwabo.

"Leyo mali ngayifaka eShoprite wahamba wayongcwaba udadewabo esengibona manje ukuthi ubesenga ezimithiyo." 

OLUNYE UDABA:Ifuna idivosi ethole ukuthi umkayo akasiyo intombi nto

Uthi ngemuva kwalokho intombi yacela enye imali engango-R3 500 yokuqala ibhizinisi lokukhulisa izinkukhu.

Kukho konke lokhu, uZondo uthi intombi le ibiqhubeka imchutha imali ibala lokhu nalokhu. Amehlo aze avuleka kuyena eselahlekelwe yimali eningi.

Utshele leli phephandaba ukuthi wanquma ukuyofuna la lentokazi ihlala khona, wayithola izithele ngabandayo kubo, kodwa yabaleka yayocasha ngesikhathi imubona eqhamuka.

"Le ntokazi besengiyisize kakhulu ngaze ngayifunela nenkampani ezoyilekelela ngomculo wayo njengoba yayingitshele ukuthi akekho oyisizayo kanti nabazali kabasekho." 

Ngesikhathi leli phephandaba lixhumana nale ntokazi, ibatshele ukuthi ayikaze yamthanda kwasekuqaleni futhi wayitshela isashela ukuthi yona ithandana nabantu bobulili obufana nobakhe.

"Wangitshela ukuthi ungibonisiwe ingelosi yakhe yakwaShembe imbonise mina ukuthi ngishade naye. Ngimtshelile ukuthi ngiyisitabane wathi uzonginikelela ebandleni buphele," kusho le ntokazi.

Iqhubeke yathi le mali abemnika yona, yazi ukuthi ubenikela ngayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...