Ujima ne-Eagles oxoshwe yiChiefs

2017-08-10 14:04

Durban - Uzama ukubuyisa ikusasa lakhe ebholeni ngeRoyal Eagles egijima kwiNational First Division (NFD) umdlali oke wagijima kwi-Orlando Pirates nakwiKaizer Chiefs nokho osekuphele isizini engabonwa ebholeni.

ILANGA lihletshelwe yimithombo yalo ukuthi uBongani ‘Drogba’ Ndulula utheleke kwi-Eagles ngenhloso yokuzama ukubuyisa ibhola lakhe.

Lo mdlali ubesemabhukwini eChiefs kodwa efana nefenisha njengoba ehlulwe wumsebenzi abewuqashelwe wokuhlohla amagoli.

Ubolekiswe kwiChippa United nayo yangamdlalisa, yagcina imphindisela emuva. IChiefs inqume ukumnika iphepha lakhe emuva kwalokho wahlala engenawo umsebenzi.

OLUNYE UDABA: Ubuyela emuva obekulindeleke asayine kwiPirates

Nokho kuthiwa ithemba lokubuyela ebholeni uselibeke kwezikaSbusiso noShawn Mpisane abangabanikazi be-Eagles.

ILANGA lishayela u-Allen Frees ongumqeqeshi we-Eagles ngalolu daba, uvumile ukuthi usamhlola lo mdlali oke wagijima nakwiBafana Bafana isacijwa u-Ephraim ‘Shakes’Mashaba.

UFreese uthe, ”Okwamanje kangikanqumi ngaye ngoba akekho qatha. Sisazama ukuthi abesesimweni  kuqala bese sibona ukuthi kukhona yini angasenzela khona. Sizomnika ithuba elanele ukumbhekisisa bese sinquma.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...