Uhluleke wancama ukujika inqubo yeBucs

2017-09-28 18:03

Durban – Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic uhluleke wancama ukuthambisa uSihlalo wale kilabhu uDkt Irvin Khoza, ngodaba lokusayiniswa kwabadlali kule kilabhu njengoba kuvela ukuthi ulandelwe umgadli waseZambia engazi lutho ngaye.

IBucs izotholana phezulu nePolokwane City kowe-Absa Premiership ngo-20:15 ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

EzikaMagebhula ziya kulo mdlalo nje uKhoza umemezele abaxhasi abasha bezimoto, iFord, abasayine isivumelwano sokuseka le kilabhu ngezimoto iminyaka emithathu.

UKhoza uphinde waveza ukuthi le kilabhu isisayinise umgadli waseZambia, uJustin Shonga, okuvele ukuthi uqale izolo ngoLwesithathu ukujima nayo.

ILANGA lithole ukuthi uKhoza akakaqedi ukusayinisa njengoba ephansi phezulu ethungatha isitobha.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uthi badlale njengokuba bebehlelile

Leli phephandaba lihletshelwe imithombo yalo engaphakathi kwiBucs ukuthi uSredojevic uhluleke wancama ukushintsha inqubo yokusayinisa abadlali.

Kuthiwa lo mqeqeshi ubefuna ukuzilethela abakhe abadlali kodwa uKhoza wama ekutheni yena makasho ukuthi ufuna ukuqinisa kuziphi izindawo bese elethelwa abadlali bakulezo zindawo.

Kuthiwa lo mqeqeshi ubengazi lutho ngalo mgadli waseZambia, naye uthukile nje esezwa uKhoza esesho kwabezindaba ukuthi kukhona umgadli ozayo.

“Akekho umqeqeshi oyojika umthetho wePirates wokuthenga abadlali. USredojevic uhlulekile wancama, ubethi uyazama. UKhoza umi ngokuthi akafuni ikilabhu yakhe ibe nabadlali bomqeqeshi ngoba uma esehamba kufika omusha kuba lula ukuthi bacindezele lo osuke esekhona yingakho efuna abadlali kube ngabePirates hhayi obomqeqeshi.

“USredojevic ubengazi lutho ngodaba lwalo mgadli waseZambia futhi akazi ukuthi kukhona nomunye ongase eze,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uKhoza izolo ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile ngoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...