Uhlelo lweDowns lokubuyela kwiClub World Cup

2017-03-09 14:00

Durban - Ihlela ukubuyela kwiFederation of International Football Association (Fifa) Club World Cup ngesitayela iMamelodi Sundowns ejabulise iNingizimu Afrika inqoba iCaf Champions League neCaf Super Cup okuyizinkomishi ezinkulukazi ezwenikazini i-Afrika ezingeni lamakilabhu.

IDowns isisungule uhlelo ezolusebenzisa ukuqinisekisa ukuthi ibuyela kwiClub World Cup ebiyigijima ngoZibandlela (Disemba) nyakenye, eJapan.

Lokhu kutshelwe ILANGA nguMuzi Percy Tau osematheni kulezi zinsuku njengoba egila izimanga kwiDowns. Lo mdlali izinto zakhe zenzeka ngokushesha njengoba esezuze izinto ezinkulu ebholeni ekubeni eseneminyaka engu-22 nje kuphela ubudala.

"UMengameli wethu uPatrice Motsepe, uPitso Mosimane ongumqeqeshi wekilabhu, uRhulani Mokoena noManqoba Mngqithi abangamasekela akhe, basidwebele uhlelo okumele silulandele ukuze siphindele kwiClub World Cup. Njengoba sizoqala imidlalo yeChampions League nje ngoLwesihlanu (kusasa), sifuna ukuyinqoba bese sibuyela kwiClub World Cup.

"Siphinde sabona ukuthi sisele ngemidlalo eminingi kule sizini kwi-Absa Premiership. Sinqume ukuthi senze kakhulu kuyona ngoba inhloso-ngqangi yethu wukudlala iChampions League nangesizini elandelayo bese sithola ithikithi lokuya kwiClub World Cup ihlandla lesithathu kulandelana," kusho lo mdlali owenza izinto zenzeke esiswini seDowns.

UTau uthi uMotsepe ubadonse ngendlebe ngobumqoka bokuthi benze kahle emidlalweni yase-Afrika ukuze kuhlomule iBafana Bafana. IDowns izobhekana neKampala Capital City Authority yase-Uganda kusasa ngoLwesihlanu ngo-19h30 eLucas Moripe Stadium, ePretoria.

OLUNYE UDABA: UManyama noSingh babizelwe kuBafana Bafana

Umlenze wesibili uzokuba ngoMgqibelo ozayo womhla zili-18 ekuhambeni e-Uganda.

"IBrazil (edume ngolozolo lwebhola emhlabeni) ikhiqiza abadlali bezinga eliphezulu minyaka yonke. Nathi siyakwenza lokhu, futhi sinalo lonke uhlelo lwengqalasizinda. Sinabadlali abaningi abazakhele igama phesheya kwezilwandle okumele basigqugquzele ukwenza kahle ezingeni lamakilabhu bese kusizakala iBafana.

"Sinabantu abafana noLucas Radebe, uBennie McCarthy no-Aaron Mokoena abadlalile phesheya. Sekulele kithina esingabadlali bamanje ukuthi senzele izwe lethu umsebenzi. Umengameli uthi umeme iBarcelona (yaseSpain) ukuzongcweka neDowns eminyakeni edlule ngoba efuna ukuthi ikilabhu yakhe izibone isezingeni lale kilabhu ehlonishwa umhlaba wonke," kusho uTau.

Ebuzwa ukuthi ulilindele yini igama lakhe njengoba kumenyezelwa isikwati seBafana namuhla ngoLwesine emini uTau, uthe: "Kanginalo noluncane uvalo ngeBafana. Kawukwazi ukuzixaka ngento ongenamandla kuyona. Nokho-ke uma ngibizwa ngizojabula, kodwa uma ngingabizangwa ngeke kube nenkinga ngoba kubona noma ngubani ukuthi ngiyangqongqoza kwiBafana.

"Nokho-ke akekho umdlali owake wabulawa wukuthi akakaze alidlalele iqembu lesizwe. Nami uma lokho kungifica, ngeke ngibe nenkinga."

* IBidvest Wits ibhekise amabombo e-Egypt ukuyobhekana ne-Al Ahly emdlalweni weChampions League ozokuba ngoMgqibelo e-AlSalman Stadium.

Le nkundla imumatha abalandeli abayizi-30 000.

* IPlatinum Stars izotholana phezulu neVipers FC yase-Uganda emdlalweni womlenze wokuqala kumzuliswano wesibili weCaf Confederation Cup ozokuba ngoMgqibelo eMary's Stadium.

* ISuperSport United izothwala kanzima koweConfederation Cup njengoba iqhathwe ne-Al Ahly Shandi yaseSudan emdlalweni ozokuba ngeSonto ebusuku eShendi eqhele ngamakhilomitha ali-150 enhlokodolobha iKhartoum.

Lokhu kuchaza ukuthi iSuperSport izohamba phansi leli banga elingamahora amathathu ngebhasi emuva kokwehla esikhumulweni sesizinda esiseKhartoum.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 21-30°C Showers early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-19°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...