Uhleli lubhojozi umgadli weChiefs 'oshaya udaka'

2017-03-16 14:01

Durban - Uhleli ngesinqe umdlali weKaizer Chiefs uMichelle Katsvairo okubikwa ukuthi ubizelwe emhlanganweni oshubile ngoMsombuluko watshelwa ukuthi enyuse amasokisi kungenjalo izinyawo zizogcwala udaka, kubika iphephandaba ILANGA.

Emdlalweni olandelayo, iChiefs izogadulisana neBarika FC kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-20:15 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

IChiefs iya kulo mdlalo nje, kubheda uhlelo kulo mdlali odabuka eZimbabwe osayiniswe kubhekwe lukhulu kuyena kuqala isizini. Bekubhekwe amagoli kuyena kodwa lutho.

ILANGA lihletshelwe ngumthombo walo ongaphakathi kwiChiefs ukuthi lo mdlali uhleli ngesinqe emuva kokuba izikhulu zimbizele emhlanganweni ngoMsombuluko watshelwa ukuba enyuse amasokisi kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya.

OLUNYE UDABA: Elidlala ku-NFD lisayinise owayedlalela iChiefs

“Nakuba iChiefs igaqele isicoco seligi neseNebank kodwa isiqalile ukwenza amalungiselelo esizini ezayo. Yingakho nje ivuselele izinkontileka zabadlali bayo abaqoka okubalwa kubona uWillard Katsande, George Maluleka, Tsepo Masilela, Siphiwe Tshabalala, Lucky Baloyi noKgotso Moleko.

“Manje imatasa ikhuculula engasabadingi ukuze kuvuleke izikhala zokusayinisa abanye abadlali. UKatsvairo kuqalwe ngaye kodwa basalandela nabanye. Kangimboni eqhubeka edlala lapha kwiChiefs ngesizini ezayo uma isimo sakhe sigcina kanje njengoba evele engasasitholi isikimu,” kusho umthombo.

UBobby ‘Bobsteak’ Motaung, oyimenenja yeChiefs, ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba, uthe: “Kayikho into engizoyikhuluma njengamanje kwazise simatasa silungiselela ukubhekana neBaroka. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi siyawunqoba lo mdlalo.

“Uma kukhona okunye okwenzakalayo sizomemezela njengoba senzile nje abadlali bethu bevuselela izinkontileka zabo,” kuqhuba uBobby.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-21°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 4-17°C Passing showers. More clouds than sun. Refreshingly cool.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 12-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...