Uhlawulisiwe ocele isinene esihlotsheni

2017-08-28 16:02

Durban - Uhlawuliswe imbuzi ehamba ngamasondo owesilisa osekhulile waseNkomeni eNgwavuma, enyakatho yeKwaZulu-Natal ocele ucansi esihlotsheni sakhe, esebenzisa ukuxakeka kwaso nakwezomnotho.

UMnu Duladula Msweli, 59, oyikhansela lenduna yesigodi iNtabayengwe khona eNkomeni, uMnu Joseph Sithole, uhlawuliselwe ukuholela ehlathini indodakazi yomfowabo, enguNkz Khululiwe Mafuleka, 29, angasebenzisi isibongo esifana naye futhi kabazalwa ngunina oyedwa.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Msweli ubefuna ukuyozicelela ucansi kuNkz Mafulela ngethemba lokuthi uzobonga ngokumfaka emsebenzini wokuphakamisa iduku elilawula ukuhamba nokuma kwezimoto njengoba kwakhiwa umgwaqo u-D1842.

Leli phephandaba liyizwile inkulumo eqoshiwe lapho uMnu Msweli enxusa uNkz Mafulela ukuba ehlise isikhindi sakhe sangaphansi ukuze bezothokozisana ngocansi, okuyinto abethi bazohlala beyenza kuleli hlathi abebekulona.

Kuzwakala ecela ukujola noNkz Mafulela okuyinto abethi kufanele iphethe ngokuba amlobole.

Kule nkulumo ukhala ngokuthi yena akakwazi ukuhlala nesalukazi (inkosikazi yakhe) esingakwazi nokuwasha izimpahla zakhe.

Iyaqhubeka le nkulumo kuzwakala nezinto okungelula ukuzibhalela umphakathi.

Umnu Msweli uzwakala ethi: “Ngifuna ukulala nawe mntanami ukuze ungikhumbule sengingekho, nami ngizokukhumbula.”

OLUNYE UDABA: Basale enkundleni abasolwa abahlanu eThekwini

UNkz Mafulela utshele ILANGA ukuthi ubone kungcono ukuba aqoqe ubufakazi ngoba kunemibiko ethi baningi abasebenza ngoba bevume ukugilwa imikhuba yingxenye yobuholi bomdabu endaweni, okuthiwa isebenzisa amandla ewanikwe yizinkampani eziyokwenza imisebenzi endaweni ukuba kube yibona abathumela abantu lapho kusetshenzwa khona.

“Ngiqale ngasola uma efuna inombolo yami yocingo. Uqale wathi mangihlangane naye ehlathini kukhona into afuna siyixoxe. Ngiqale ukushaya amakhala uma esethi ufuna ukujola nami, ngaleso sikhathi ubengithintathinta elimisa ngesihloko elokuthi ufuna ukujola nokulala nami ukuze ngimkhumbule,” esho.

NgoLwesine ekuseni kuhlangane imindeni yabo bobabili kwaphunywa nesinqumo sokuba uMnu Msweli ahlawuliswe imbuzi ehamba ngamasondo maqede wabekwa icala lokufuna isinene sesihlobo.

Ngesikhathi ethintwa yiphephandaba, uMnu Msweli ukuqinisekisile ukuthi ubefuna isinene, kodwa wathi inhloso enkulu yakhe wukuthi ukujola kwabo kuphethe ngokuba uNkz Mafulela abeyindlu yakhe yokugugela.

Uthi unqabile ukuhlawula ngenkomo yokuqeda ubuhlobo ngoba intombi kayimvumanga. Uthi futhi yena akamthembisanga umsebenzini kodwa uthe uzombhekela.

“Ukukhokha kwami imbuzi kakungivimbi ukuba ngiqhubeke nokweshela intombi,” esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...