Ugoloze ukudlala ezinganeni owaduma kwiPirates

2017-10-10 11:01

Durban - Ugoloze ukudlala ezinganeni umdlali ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates. ILamontville Golden Arrows Reserves iguqise iFree State Stars Reserves ngo-2-0 koweMultiChoice Diski Challenge (MDC) ngoMgqibelo ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Amagoli e-Arrows abhajiswe ezintanjeni nguSibusiso "Y2K" Sibeko noSanele "Chenene" Mathenjwa.

ILANGA lithole ukuthi uRooi "Ngubo" Mahamutsa odlala emuva kwiFree State Stars ubeqokwe ukuzodlala eqenjini lamaReserve kodwa wanqaba.

Kuthiwa uqambe amanga wathi ulimele ekubeni engenalutho. Kuthiwa ubezenza into elimele nje, abalingani bakhe ubebatshela ukuthi yena mudala kabi ukuthi angayodlala ezinganeni.

OLUNYE UDABA: IPirates ikuqinisekisile ukuthi akaseyena umdlali wayo uMahamutsa

Indawo kaMahamutsa igcine ithathwe nguSiyabonga Teyise. Leli phephandaba libuza uThemba Sithole ocija iFree State Stars Reserves emuva kwalo mdlalo, uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngodaba lukaMahamutsa.

"Abadlali abagijima eqenjini elikhulu abalapha basuke basuke bengabiziwe yimina kodwa ngibanikwa ngumqeqeshi wesikimu esikhulu. Bengike ngezwa ukuthi uMahamutsa naye uyeza kodwa ukuthi kugcine kwenzakaleni angeke ngazi.

"Kodwa inhloso yale midlalo wukunika ithuba abafana abancane, iphinde isize labo abebekade belimele abagijima esikimini esikhulu nalabo-ke abangalitholi ijezi," kusho uSithole.

Imizamo yokuthola uMahamutsa ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...