Ucikwa ngamahlebezi okuthi uthandana noMroza uMjikijelwa.

2016-10-16 10:33

Durban - Akafuni nokuyizwa eyezinsolo zokuthi uthandana nomsakazi woKhozi FM, umculi kamasikansi ongaconsi kubalandeli bakhe uMjikijelwa Ngubane. 

Lokhu ukucacise ngesikhathi ILANGA LangeSonto lixhumana naye ukuba ake acacise ngobudlelwane bakhe noNonhlanhla "Mroza" Buthelezi owethula uhlelo lwasemini kulesi siteshi.

Leli phephanbana lithinte uMjikijelwa ngemuva kokuqhubeka kokubhebhetheka kwendaba yokuthi yena noMroza bayathandana. Kuthiwa ngisho emahhovisini akhona lapho kusebenza khona uMroza yindaba enkulu ukuthi uMjikijelwa ungu-sbari wakhona. 
"Yindaba ekhulunywayo emahhovisi asoKhozini njengoba abaningi nje bekhuluma bangesabi ukuthi uMroza uthandana noMjikijelwa," kusho umthombo waleli phephandaba ongaphakathi eSABC.

Kuzokhumbuleka ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule leli phephandaba like labika ngalezi zinsolo. 
Eziphendulela uMjikijelwa uthe: "Uyazi sisi ayikho into engikhathaza njengalolu daba ongibuza ngalo. Namhlanje nje mhlawumbe wena ungumuntu wesine osengifonele ukungibuza le nto futhi sengikhathele ukukhuluma ngayo. Uyacabanga nje ukuthi umuntu kaMroza lapho ekhona ucabangani manje ngami  njengoba kuthiwa ngithandana naye." 

Uthi yena benoMroza bayasebenzisana, banemisebenzi eminingi abayenza ndawonye. 

"Icala wukuthi usebenzisana nami njengoba manje sekuthiwa siyathandana. Zona izingoduso zami nithi zithini nje uma ningibuza into enjengale.

UMroza unomuntu wakhe, nami nginezingoduso zami, kasithandani nhlobo. Futhi-ke okuhle wukuthi ngisho izingoduso zami ziyamazi, ziyazi nokuthi ngiyasebenzisana naye," kusho uMjikijelwa. 

"Kubuhlungu uma abantu beqala amahlebezi anjengalawa ngoba yizimpilo zabantu lezi okukhulunywa ngazo lapha. Kunabantu abagcina bethatha amahlebezi lawa enibhala ngawo bawakholelwe nokuyinto engeyinhle. UMroza ngiyamhlonipha njengosomabhizinisi esisebenzisana naye futhi kuningi esikwenza ndawonye mina naye njengophathina ebhizinisini.

Mina kangijwayele ngisho ukuza eThekwini ngoba noma sikhuluma ngomsebenzi sinaye sikhuluma kakhulu ngocingo," kuqhuba uMjikijelwa. 

Ethintwa ngalolu daba ngoLwesihlanu uMroza uthe akanaso isikhathi sokuxoxa makathintwe, ngoMgqibelo ekuseni. Uthe esefonelwa ngoMgqibelo akangabe esaluphendula 

ISITHOMBE:

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 12-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...